Izindaba

Ithemba ngokuphothulwa kokwakhiwa kwesikole iMenzi High

Nkosikhona Cele|Published

UMPHATHISWA wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer nozakwabo waseWestern Cape uMnuz Tertuis Simmers, ngemuva kokuba besayine isivumelwano sokusebenzisana. Lapha bathathwe beseMenzi High eMlaza

Image: SITHUNYELWE

KUNGASE kuphothulwe ezinyangeni ezintathu ezizayo ukwakhiwa kwesikole saseMlaza, iMenzi High, esike saphazanyiswa Amadelangokubona isakhiwa.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer nozakwabo woMnyango ofanayo eWestern Cape, uMnuz Tertuis Simmers, behambele kulesi sikole eyobheka inqubekela phambili ngokwakhiwa kwaso.

Ekhuluma lapha uMeyer, uthe kumqoka kakhulu ukuba kuphothulwe ukwakhiwa kwalesi sikole ngenxa yendima esiyidlalayo kwezemfundo KwaZulu-Natal.

Uthe kubuyisa ithemba ukubona umsebenzi uqhubeka ngaphandle kwezinselelo ezike zaba khona ngaphambilini. "Lesi yisikole esenza kahle kakhulu njalo uma kuphuma imiphumela kamatikuletsheni. Ngakho kumqoka ukuba senze konke okusemandleni ukuthi akubi khona lutho okugcine sekubonakala kusikhinyabeza,'' kuchaza uMeyer.

Ngaphambi kokuba baye eMenzi, bobabili abaphathiswa bale minyango baqale ngokusayina isivumelwano sokusebenzisana.

Ukudaleka kwamathuba omsebenzi, ukubheka kabanzi izindlela ezingcono zokwakhiwa kwezakhiwo ukuze zingakhahlamezeki kalula, ukulwa nenkohlakalo, ngezinye zezinto okuhlalukile ukuthi le minyango izobhunga kabanzi ngazo ngaphansi kwalesi sivumelwano.

UMeyer uthe bazoncela kogwansile ngokusebenzisana nalo Mnyango waseWestern Cape.

Uthe lokhu kuzobe kudalwa ukuthi banenhloso eyodwa okungukuqinisekisa ukuthi lo Mnyango ubonakala udlondlobala kunokuba ufadabale. Uthe le minyango ngokuhluka kwezifundazwe ibhekene nenselelo efanayo yokukhahlamezeka kwezakhiwo ngenxa yezikhukhula.

''Uma sisebenzisana nakanjani kuzoba lula ukuba sihlale phansi siqhamuke nesisombululo sokuthi yini engenziwa ngenhloso yokubhekana nje ngqo nalesi simo. Sikholwa ukuthi ubudlelwane bungaholela ekutheni kube lula ukuxazulula izinkinga ezikhona kulo Mnyango,'' usho kanje.

Mayelana nengwadla yenkohlakalo kulo mnyango uthe bakholwa ukuthi sikhona isixazululo abazophuma naso uma sebehlezi phansi sebekhuluma.

''Inkinga yenkohlakalo ngenye yezinselelo esizithola sibhekene nayo. Kodwa iqiniso ukuthi kumele siyinqobe njengoba inomthelela ongemuhle ekulethweni kwezidingo kubantu,'' usho kanje.

USimmers naye uthe akangabazi ukuthi lesi sivumelwano sizohlomulisa izinhlangothi zombili.

Uthe ukusebenzisana kunomthelela omuhle ngaso sonke isikhathi. Ugcizelele ukuthi bakubone kumqoka ukuba basebenzisane, bangazihluphi ngokuthi baqhelelene kangakanani njengoba kuhluke izifundazwe.

''Obekumqoka kakhulu ngelesi sivumelwano ukuthi senza umsebenzi ofanayo."

Uthe bafisa ukuthi lesi sivumelwane kungabi nje yinto ezophela manje kodwa kube yinto ezobonakala iqhubeka naseminyakeni ezayo.

"Kunamandla ukusebenzisana ngoba akwenzeki kungabi khona omunye ofunda okuthile komunye. Yilokhu esinesiqiniseko sokuthi kuzobonakala kwenzeka phakathi kwayo yomibili le minyango,'' usho kanje.

Uthe bafuna nokubhunga ngezindlela abangazisebenzisa ukuze le minyango idale amathuba omsebenzi.