KUBUYA ithemba kwabaningi njengoba uMasipala weTheku ubuyisa uhlelo iPublic Employment Program (PEP) oluke lwaphazamiseka ngenxa yenkinga yezimali.
Lolu hlelo olwasungulwa uMengameli Cyril Ramaphosa luqasha abantu abangasebenzi ukuba benze imisebenzi eyahlukene ngaphansi komasipala. Lusebenza ngoxhasomali oluvela kuMgcinimafa. Kuqashwa ngezinkontileka zokusebenza zesikhathi esithile esibekiwe.
Echaza ngalokhu, uSihlalo weKomiti lokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku, uMnuz Thembo Ntuli, uthe lolu hlelo luzobuya kule nyanga kanti luzodonsa izinyanga ezingu-10.
Uthe selokhu baluqala ngo-2022, sebeqashe abantu abalinganiselwa ku-9 600.
"Luqalwa bekusebenzisana kulona umasipala nezinhlangano ezingenzi inzuzo. Izinkinga esihlangabezane nazo ziholele ekutheni njengoba selubuya silufake ngaphansi kukamasipala sisebenzisa iminyango ehlukene ukuze kuthi uma kuba nezinkinga sibhekane nazo thina," kusho uNtuli.
Uthe njengoba lubuya, bazolula izinkontileka zalabo olwama besasebenza kulo. Nokho uthe ngenxa yobuningi bezicelo zomsebenzi ezazifakwe phambilini, kungenzeka kubekhona ababe fakile abangabizwa ukugcwalisa izikhala ezivulekile.
"Siyazi ukuthi akubona bonke olwama uhlelo besebenza abazobuya kwazise kukhona asebethole imisebenzi, ingakho ababe fake izicelo zangaphumelela kumele bakulindele ukuthi bangabizwa ukuzogcwalisa izikhala," esho.
UNtuli uthe selokhu lolu hlelo lwaqala baningi oselubasizile bakwazi ukuqashwa kwezinye izindawo nasezinkampanini ezizimele. Uveze ukuthi kukhona nabaqeqeshiwe abebe ngaphansi kwePEP.
Uthe abangena kulolu hlelo abanye basiza kwiminyango kamasipala enezisebenzi ezinganele nasemahhovisi amakhansela. UNtuli ugqugquzele abangena kulo ukuba nabo bazithuthukise, bangabi nomqondo wokuthi konke kuqala futhi kuphele ngezibonelelo zikahulumeni kwazise nalo lungolunye lwazo. KwiPEP kungenwa ngokufaka isicelo uma kunezikhala ezikhangisiwe.