Izindaba

Ithemba kowesifazane ofune usizo ezinkundleni zokuxhumana

Nokubongwa Phenyane|Published

IMEYA yaseBaqulusini uMnuz Khehla Mkhwanazi, ihambisana neMenenja, uNksz Sbonga Dlamini, behambele umndeni kaNksz Xolile Khoza, ocele usizo lokuqashwa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi sibi isimo sakubo njengoba kungekho osebenzayo

Image: Sithunyelwe

USULEKE izinyembezi owesifazane omncane waseVryheid, okuthe ngesonto eledlule wabhala enkundleni yokuxhumana ethi ucela isizo lokuthi aqasheke ukuze ashintshe isimo sakubo.

UNksz Xolile Khoza ukhethe ukuyokhala azilahle ezinkundleni zokuxhumana ngoba sisibi isimo sakubo.

Lokhu kwenze iMeya yaseBaqulusini, uMnuz Khehla Mkhwanazi nemenenja yalo masipala uNksz Sbonga Dlaminil, basukumela phezulu bahambela umndeni kaNksz Khoza, ukuze bayozibonela isimo.

Uthe unina uyagula, uyise kwamphoqa ukuthi ashiye phansi umsebenzi ukuze anakekele inkosikazi yakhe ngoba wayedayisa edolobheni.

Echaza ngesimo sakubo uNksz Khoza, uveze ukuthi ubenza iziqu zeComputer Science and Information Technology, azithole esikhungweni semfundo i-UKZN, eMgungundlovu.

Ngemuva kwalokho uthe kwaphoqa ukuthi abuyele ekhaya ngoba eseqedile, wafike wabona ukuthi kumele asheshe athole umsebenzi ukuze ekhaya kulale kudliwe.

Uthe kube nzima ukuthi athole umsebenzi ngemuva kokubuyela ekhaya okwenze wakhala ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngibonga isibindi sami sokwenza lokhu ngoba ngisizakele kakhulu, kube khona abantu abanginikelele ukuze ekhaya silale sidlile. Ngesikhathi ngisafunda imali yeNSFAS ibike ingisize ngikwazi ukubathumelela yona badle. Ubaba wayedayisa imithombo erenki eVryheid, kodwa kwashintsha konke ngesikhathi kuqala ukugula kumama. Nami bese ngifunda ngifuna ukuqeda ukuze ngithole umsebenzi, ngishintshe isimo sasekhaya,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi akufisa kakhulu wukuthi athole umsebenzi ashintshe isimo somuzi wakubo ongemuhle.

Uthe noma seluqhamukile usizo kodwa usazoqhubeka afake izicelo zomsebenzi kuze kube uyawuthola umsebenzi.

UMkhwanazi uveze ukuthi lo mndeni ukwehlonzwe njengezohlumula ngokwakhelwa kabusha ikhaya ohlelweni oluholwa wuMkhandlu waseZululand.

“Ngiqale ngadideka ukuthi lo mndeni owakuphi ngoba isibongo sikaXolile akusona lesi thina esinaso phansi. Kodwa ngemuva kokuphenya kabanzi kulapho sithole khona ukuthi wumndeni  owahlonzwa ngenyanga edlule. Uhlelo lolu olusungulwe wuzakwethu, iMeya yaseZululand, uMnuz Michael Khumalo, lokwakhela imindeni ehlukene imizi,” kuchaza yena.

Okwamanje uthe abazokwenza wukuthi umndeni ulale njalo udlile njengoba befike nokudla ngosuku abahambele ngalo umndeni.

Uphinde wanxusa abantu abahlukene ukuthi bafake isandla ukusiza umndeni.