UMUFI, uMnuz Sindiso Magaqa, owasocongwa eMzimkhulu
Image: Sigciniwe
USANEMINJUNJU futhi usathunukala izilonda unina kaMnuz Sindiso Magaqa, uNkk Khethiwe Magaqa, ngendlela okwabulawa ngayo indodana yakhe njengoba ethi uNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi kungani kwahlanganiswa uzungu lokubulawa kwayo.
UNkk Magaqa ubekade enenkulumo ekhethekile neSolezwe ngemuva kokuba inkabi uSibusiso Ncengwa engummangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kwalo mholi, igeqe amagula ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ibiza ngamagama abantu ethi bayathinteka ekubulaweni kukaMagaqa.
Ikusho lokhu esitatimendini sokuvuma icala, njengoba kulindeleke ukuthi igwetshwe ekupheleni kwale nyanga.
UMagaqa, owake waba ngumholi wophiko lwentsha lwe-ANC, wasocongwa ngo-2017, ebuya emhlanganweni wamakhansela.''Namanje kusangifikisela ngezinyembezi ukukhuluma ngale nto eyehlela umntanami. Namanje ngithi uma ngicabanga ngayo ngizizwe ngihlengezela izinyembezi,'' usho kanje.
Mayelana nokuvela kwamagama abevezwa yinkabi enkantolo, uthe konke ukushiyela kuNkulunkulu ngoba bona akukho abangakwenza. Umfowabo kamufi, uDkt Lwazi Magaqa, uthe ukugonyuluka kwenkabi mayelana nokusocongwa kukamufi, kubuyise ithemba elikhulu kubona njengomndeni.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ukuthi bakhona abazogcina bejeza mayelana nokubulawa kukamfowabo.
Ukhale ngokuthi selokhu laqala ukuqulwa leli cala belingacaci, wathi kodwa manje yima bebona ukuthi liyaphi njengoba sekunamagama avelile.
''Ukubalulwa kwalawa magama kusho ukuthi kukhona ukukhanya okuvelayo mayelana nalo,'' usho kanje.
Igonyuluka inkabi, iqale yakuqinisekisa ukuthi yona ingummangalelwa wesine kuleli cala. Iyakuqinisekisa nokuthi ingonyuluka yayo iyenza ingazange iphoqwe. Ithe ngoJulayi 11, 2017, yayiseBerea Centre, eThekwini, ngesikhathi ithola ucingo luvela kuSibonelo Myeza.
"Wacela ukuhlangana nami ezansi ezitebhisini lapho engamfica emi noJabulani Mdunge. Bangazisa ukuthi kunomsebenzi okumele siwenze eMzimkhulu. Ngababuza ukuthi msebenzi muni loyo,'' isho kanje.
Ithe bamphendula ngokuthi kunothile kuMasipala waseMzimkhulu ofuna ukuveza inkohlakalo eyenziwa ngabanye. ''Abazange balisho igama lomuntu, kunalokho bathi ngaphambi kokuba kwenziwe umsebenzi kunabanye abantu okumele siqale sihlangane nabo.''
Ngakusasa ithe baphinda bahlangana futhi eBerea Centre, sekukhona uJabulani Mdunge, Sbonelo Myeza, Lindokuhle Nkosi, Mlungisi Ncalane noMbulelo Mpofana.
Ithe kuloyo mhlangano, uMbulelo Mpofana wabachazela ukuthi kunabanye futhi abantu ababili abadinga usizo kubona.
"Ngamcela ukuba asinikeze amagama alabo bantu. Wasitshela ukuthi uMnuz Skosana (Zweliphansi) owayesisikhulu esiphezulu kuMasipala waseMzimkhulu, noMnuz Mluleki Ndobe (owayeyimeya kuMasipala waseHarry Gwala). Washo ukuthi usizo abaludingayo kithina elokuthi sihambe siyobulala loyo muntu ofuna ukudalula inkohlakalo,'' isho kanje.
Ithe babe sebeqala sebebhunga ngenkokhelo okwavunyelwana ngokuthi ibe u-R120 000 kodwa oyotholakala ngemuva kokuphothulwa komsebenzi. ''Sathenjiswa nokuthi ngemuva kwalokhu kuyoba nethenda yesigidi samarandi esiyogixatshezwa ngayo. Ngabatshela ukuthi angazi lutho ngalezo zinto kodwa uMpofana wathi uzongisiza."
Ngesikhathi esejele uthe uSkosana, uNdobe, uSbo Myeza, uMlu Ncalane noMbulelo Mpofana nabo bakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela.''Yilapho ke engaqala khona ukuhlangana noNdobe noSkosana sisejele iNew Prison, eMgungundlovu. Yilapho ke engathola khona ukuthi uSkosana noNdobe babekade bekhokhe u-R600 000, okuyimali uMpofana noMyeza abangayiphikanga. UNdobe noSkosana basicela ukuba singalwi ngesivumelwano sokuthi uNdobe uzokhokha u-R500 000 ukugwema ukuklwebhana phakathi kwethu. UMdu Ncalane wathunywa ukuba azolanda loyo R500 000, ngemuva kwalokho ngezwa kuthiwa asehoxisiwe amacala ayebekwe uNdobe noSkosana,'' kuchaza uNcengwa. UNdobe wazidubula ngo-2020, emuva kokuvela ukuthi uphethwe wumdlavuza.
Uveze ukuthi ngo-2023, waxhumana nomndeni kaMagaqa icela uxolo kuwona, wawazisa nokuthi uzolivuma icala ebese enikezela inkantolo ngobufakazi.
Okhulumela uphiko lwezokuShushisa KwaZulu-Natal uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uNcengwa uwavumile amacala wathi uMagaqa wadutshulwa ngoJulayi 2017, kodwa waze washona ngemuva kwesikhathi esesibhedlela.
Uthe uNcengwa uzogwetshwa ngoJuni 30, enkantolo eNkulu eMgungundlovu.
I-ANC Youth League yenze isitatimende mayelana nokugonyuluka kwenkabi, yathi ifuna ukuthi kugcine kuvele konke ngalolu daba.
Related Topics: