KUQOKWE osihlalo abasha bamakomiti aqinisekisa ukusebenza ngendlela nokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi eMkhandlwini weTheku.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kulo mkhandlu ube khona okokuqala izolo selokhu iMeya entsha uMnuz Mxolisi Kaunda ithathe izintambo.
Kulo mhlangano kuqokwe uMnuz Thanduxolo Sabelo njengosihlalo omusha wekomiti elibhekele ukuHlaliswa kwaBantu nengqalasizinda okuyisikhundla ebesiphethwe uMnuz Mondli Mthembu singakahlakazwa isigungu esilawula umasipala.
Leli komiti likwabaluleke kakhulu emkhandlwini onezinkinga zokungaqoqwa kwemfucuza emalokishini amaningi akhele iTheku.
Bengakaqokwa osihlalo, uSabelo uphakamise ukuthi kuhlanganiswe amakomiti amabili, okuyikomiti elibhekele ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini nelezimo eziphuthumayo nokuvikelwa komphakathi kube yikomiti elilodwa bese kwethulwa ikomiti elibhekele ukusetshenziswa kwemali kumasipala. USihlalo womhlangano, uKaunda, ucele ukuthi isiphakamiso sikaSabelo sicutshungulwe emhlanganweni olandelayo.
Abanye abaqokwe njengosihlalo uNkk Belinda Scott oqokwe kwesikasihlalo wekomiti lezimo eziphuthumayo nokuvikelwa komphakathi, ikhansela uNtokozo Sibiya ongusihlalo ekomitini lezokuhlinzekwa kwezidingo kubantu, ikhansela uMpume Sithole usihlalo kwelezokuphatha nezindaba zabantu noMnuz Sipho Kaunda ekomitini elibhekele ukuthuthukiswa komnotho nokuhlela.
Ikhuluma namakhansela kulo mhlangano iMeya igcizelele ukuthi udaba lokuthuthwa kwemfucuza lusezintweni eziseqhulwini kanjalo nolokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane athe ludla lubi.
“Ukubulawa kwabantu kuyisenzo esibi okumele wonke amalungu omphakathi azibandakanye ekulweni naso. Amaphoyisa awahlezi eseduze nalapho kuhlukunyezwa khona abantu kepha umphakathi ozibonela ukusuka nokuhlala kwezenzo ezinjengalezi okudingeka uzibike emaphoyiseni ngokushesha,” kusho uKaunda.
Uthe kuzosungulwa ithimba elizoqhamuka nezisombululo ekulweni nalesi sihlava kulo masipala.