UMASIPALA weTheku usumemezele ukuthi uzonika obengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma isamba esinguR 200 000 ngokuqopha amaculo omzabalazo njengoba kugujwa iminyaka engu-25 kwatholakala inkululeko.
Lokhu kudalulwe yiNhloko yamaPaki nokuNgcebeleka kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkosi Ngcobo ngoLwesine. UNgcobo uthe empeleni kubekwe uR 1 million obhekelele imigubho kodwa uZuma namanye amaciko banesabelo sikaR200 000. Kumbiko awabaliwe amanye amaciko azocula ngaphandle kukaZuma.
Phakathi kwamaciko okwabikwa ukuthi azimisele ukucula noZuma kwi-albhamu yakhe yamaculo omzabalazo kwabalwa iLadysmith Black Mambazo.
UNgcobo akawadalulanga amagama amaciko asebenzisana noZuma. Udaba lukaZuma nezingoma zomzabalazo ayiqali ukuvela njengoba iMeya uNkk Zandile Gumede wayichitha.
UNgcobo uthe inhloso yalokhu kuqoshwa kwezingoma ukugcina umlando wezwe.
''Kuzobe kwenziwa nocwaningo olunzulu ngomzabalazo kufundwe kabanzi ngamaqhawe omzabalazo," kusho yena.
Lesi simemezelo sikaNgcobo asehlanga kahle eqenjini eliphikisayo iDA njengoba ithe ibona sengathi yiqhinga lokugaya amavoti.
Umholi wekhokhasi yeDA kumasipala uNicole Graham uthe kumoshwa imali yabakhokhi bentela ngento engathi shu.