Izindaba

ITheku lixhasa abalimi abasafufusa

Boniswa Mohale|Published

UMQONDISI wohlelo lweDurban Business Fair uMnuz Paul Nzimande uthathwe lapha ebuza ngamathuba asemkhakheni wezolimo, kuDkt Hlengiwe Ngubane obhekelele i-Agroprocessing eMnyangweni wezoLimo, uMnuz Wandile Makwabe wakwa-Old Mutual, uNkk Nomalanga Pascal weNomalanga Estates noMnuz Vuyo Jayiya oyiNhloko ye-Agrobusiness kuMasipala weTheku UMQONDISI wohlelo lweDurban Business Fair uMnuz Paul Nzimande uthathwe lapha ebuza ngamathuba asemkhakheni wezolimo, kuDkt Hlengiwe Ngubane obhekelele i-Agroprocessing eMnyangweni wezoLimo, uMnuz Wandile Makwabe wakwa-Old Mutual, uNkk Nomalanga Pascal weNomalanga Estates noMnuz Vuyo Jayiya oyiNhloko ye-Agrobusiness kuMasipala weTheku

UMASIPALA weTheku uthi unezinhlelo zokuxhasa abalimi abasafufusa ukugqugquzela ukuthi benze uguquko kwezomnotho.

Izolo, uMnuz Vuyo Jayiya oyiNhloko yiphiko olubhekelele amabhizinisi ezolimo kuMasipala weTheku uthe abalimi abane-hectare lomhlaba bayahlomula ngoxhaso lokubuyelwa yizindawo nokuxhaswa ngamathangi ayisithupha ukuze banisele.

“Ukuze uxhaswe kufanele ube nencwadi efakaza ukuthi unelungelo lokusebenzisa umhlaba etholakala ezinduneni noma ehhovisi lenkosi,” kusho uJayiya.

UDkt Hlengiwe Ngubane obhekelele izinhlelo ze-Agro processing eMnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natal, uthe uphatheka kabi uma ebona izitshalo zibola ekubeni kungenziwa okunye.

“Uphiko lwethu lufundisa abalimi ngokwenza eminye imikhiqizo ngezitshalo. Sifundisa abantu ukwenza ujamu, peanut butter, iyogathi nokunye. Asikho isidingo sokubuna kwemifino ngoba kungenziwa omunye umkhiqizo,” kusho uDkt Ngubane.

Uthe abalimi abafuna ukufunda kufanele bathinte uMnyango wezoLimo uthume ozobafundisa.

UMnuz Wandile Makwabe oyiNhloko yeMasisizane Fund kwa-Old Mutual uthe banoR450 million wokuxhasa osomabhizinisi abasemkhakheni we-manufacturing, franchise nowe-supply chain.

Ugqugquzele abalimi ikakhulu abakwi-Agro processing ukuthi bafake izicelo zoxhaso ngoba bacathula naye umuntu ukuze aphumelele.

UMengameli weDurban Chamber of Commerce and Industry, uMnuz Musa Makhunga ucele uMasipala weTheku ukuthi ube nezibonelelo zokugqugquzela osomabhizinisi abancane ukuthi basungule amabhizinisi emalokishini nasemakhaya.

Osomabhizinisi bezindawo ezinjengaKwaDabeka, Lamont naKwaMashu athe kufanele bathole isaphulelo kuma-rates.

UNkk Nomalanga Pascal onguMqondisi wepulazi lemifino iNomalanga Estates ugqugquzele abalimi ukuthi bashintshe izitshalo njalo ukuze umhlaba uhlale unempilo.

Intsha ibimelwe wuMnuz Africa Mkhangala onguMqondisi weMkhangala Agriculture otshele abantu ukuthi uma sebethole umhlaba kufanele babe nezindlela eziningi zokuwusebenzisa.

Uthe abantu akufanele bathuke ngohlelo lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngoba eChina uhulumeni uwuphethe wonke umhlaba futhi umnotho wakhona awuwile kunalokho ukleliswe endaweni yesibili eminothweni yamazwe.

Bekukhona nomacaphunakusale waseThekwini uMnuz Vivian Reddy ogqugquzele osomabhizinisi ukuthi bangajahi ukuthenga izimoto ezinkulu nemizi ezindaweni zomntakabani kodwa batshale imali emabhizinisini.