SEHLILE sibalo sabahlolwe isifo sofuba nyakenye KwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe balinganiselwa ku-885 128 000 abahlolwe leli gciwane phakathi kukaJanuwari kuya kuDisemba ngonyaka odlule kanti ngo2019 bangu-1 129 443 abahloliwe kulesi sifundazwe.
UNkk Simelane Zulu usho lokhu emcimbini wesifundazwe wokugubha iWorld TB Day obuwenziwa ngezobuchwephe. UNkk Simelane -Zulu ubeKwaDukuza abanye bekwezinye izingxenye zezifundazwe kusetshenziswa ubuchwepheshe ukuze kukhulunywe nabo.
Uthe ukuba phezulu kwesibalo sabathetheleka ngeTB kulesi sifundazwe sekuholele ekutheni amathimba ezempilo ahambele emakhaya eyohlola imindeni ukuthi ayinayo yini iCorona, afike ayihlole nokuthi leyo mindeni ayinayo yini iTB.
" Lokhu sikwenza ngoba lezi zifo zinezimpawu ezifanayo umehluko ukuthi ezeCovid-19 ziyashesha ukuvela kanti ezeTB zithatha isikhathi eside zicashile emzimbeni. Yingakho sesinohlelo lokuthi abasebenzi bethu uma sebefikile emphakathini basale sebehlola konke," kusho yena.
Uqhube wathi kubantu abangu-100 000 abangu-400 baneTB kulesi sifundazwe, iTheku lihamba phambili ngokuba nabantu abaningi abaneTB.
Uthe lesi sifundazwe sisebenzisa imishini emisha iGen-Xpert ehlolisisayo futhi ekhipha imiphumela ngokushesha. Uthe ngenxa yalokhu sebebancane abantu imiphumela yabo ethi abanayo iTB kanti banayo.
UNksz Sithembile Cele wakuMasipala uGu uthe ngo-2019 imiphumela yakhe yokuqala yokuhlolwa yakhomba ukuthi akanayo iTB, eyesibili yakhomba ukuthi unayo. Wayidla wayiqeda imishanguzo ngemuva kwesikhashana wabuye waba nezimpawu futhi imiphumela yakhomba ukuthi usenesifo sofuba esingezweli emakhambini, iMulti Drug Resistant TB (MDRTB)
" Ngangizizwa ukuthi sengigula ngaphezulu kwasekuqaleni. Ngathi uma ngitshelwa ukuthi nendlela yokwelashwa ihlukile sengizojova nesikhathi sesiside ngaba nokulahla ithemba. Abahlengikazi bangeluleka kahle ngaze ngakhuluma nodokotela, namhlanje ngiyaphila," kusho yena.
UNkk Simelane-Zulu uthe lukhona uhlelo olusanda kwethulwa lomshanguzo wezinyanga ezintathu okungamaphilisi aphuzwa kabili ngesonto, izinyanga ezintathu.
" Uhulumeni uyasizwa isikhalo sokuthi abantu bakhala ngesikhathi eside sokwelashwa. Uma uzwa ukuthi imishanguzo ikuphethe kabi ungayiyeki buyela khona esikhungweni sezempilo esikunike yona bazobona ukuthi bakusiza kanjani," kusho yena.