UMASIPALA weTheku uzimisele ngokuthola izindlela zokuthuthukisa ezomnotho engqungqutheleni iShape Durban.
Le ngqungquthela izoba ngoNovemba 21 kuya ku-23, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Inhloso yale ngqungquthela wukuhlanganisa iziphathimandla zikahulumeni nabezinhlangano ezizimele ukuze kuvezwe izinhlelo zokubhekana nezinkinga zezomnotho ezikhona nokuthi kubhekwe ukuthi iliphi iqhaza elingabanjwa yintsha ukufukula ezomnotho.
Abazobe beyingxenye yengqungquthela bazoba sethubeni lokusebenzisana nabanye ukuze kuthuthukiswe iTheku.
Ngesikhathi eyethula kulabo ababambisene neTheku ekupheleni kuka-Okthoba, iphini laloyo owengamele ikomiti lezokuthuthukiswa komnotho nokuhlela, uMnuz Nkosenhle Madlala, uthe bayakuthakasela ukuthola ithuba lokuphatha le ngqungquthela futhi bafisa ukwesekwa abanye osomabhizinisi.
“Siyalibona ikusasa laleli dolobha elihle futhi sibona kukuthina ukuthi siqhamuke nezindlela zokwenza ikusasa lethu ukuthi liphumelele. Sifuna ukubeka iTheku libe yindawo abantu abangakwazi ukuyibona njengendawo abangavakashela kuyo futhi bafake imali kuyona. Baphinde bayibone njengendawo abangayibona njengenamathuba kuwona wonke umuntu ikakhulu intsha,” kusho uMadlala.
Imenenja yaleli dolobha, uMnuz Sipho Nzuza, uthe le ngqungquthela iyingxenye yezinhlelo zeTheku zokusebenzisana nabantu ukuze likhule.
Uthe uhulumeni uzimisele ngokusebenza kanzima ukuze abantu bakuleli nabangaphandle bakwazi ukufaka imali ukuze kuthuthukiswe umnotho.
Le ngqungquthela yezinsuku ezintathu izonika abantu ithuba lokuthi baqhamuke nezindlela zokusebenzisana baqhamuke nezindlela zokuqinisa ukuthuthukiswa kwamakhono, ukuthuthukiswa kwezingqalazisinda, nokuthuthukisa intsha kwezomnotho.
Iphini laloyo ophethe ezokuthuthukiswa komnoto, uDkt Ajiv Maharaj, uthe kuzobekwa umbono bese labo abayingxenye yengqungquthela babhunge ngokuthi kungenziwani ukufinyelela kulowo mbono. Emuva kwalokho kuyodingeka ukuthi baveze ukuthi bangenzani ukusungula izinhlelo ezingabakhona isikhathi eside.
AbeDurban Chamber of Commerce nabo bazibophezele ekutheni le ngqungquthela ibe yimpumelelo. Bathe alikho ibhizinisi elingenziwa ngaphandle kwabantu bakuleli dolobha futhi abantu bafuna ukuhlala edolobheni eliveza amathuba ebhizinisi nelingenazo izinkinga ezingaphazamisa ukuthuthuka komphakathi. Bathe bakholwa ukuthi le ngqungquthela iShape Durban ingakwazi ukukhuthaza abantu ukuthi basebenzisane ukuze baphumelele.
Usomabhizinisi waseThekwini uMnuz Vivian Reddy uthe, abamabhizinisi bayakujabulela ukweseka le ngqungquthela futhi kufanele labo abafaka imali bathathwe njengabaneqhaza
elikhulu.