IZIKHULU zedolobha iTheku zibhekene nenselelo yokungakwazi ukumelana nezinhlekelele ngenxa yokushoda kwabasebenzi, ukushoda kwamavolontiya nokungabi bikho kwezinhlelo zokuhlaba umkhosi uma kuza izinhlekelele.
Lokhu kudalulwe wumbiko owethulelwe yikomidi lomkhandlu waseThekwini i-Exco kuleli sonto.
USihlalo wekomidi, uMnuz Nala Mhlongo, owethule umbiko uthe uthole ukuthi uphiko lwezokutakula alunabo abasebenzi abanele ukubhekana nomsebenzi wokutakula abahlukunyezwe yizinhlekelele.
Umbiko uveze ukuthi ngoMashi bawu-11 kuphela abantu abaqashiwe ezikhaleni eziwu-85 ezidinga ukuvalwa. Kuma-ward awu-110 angu-21 ayenamavolontiya asiza abebehlukunyezwe yizikhukhula ngo-Ephreli.
“Ukuqasha nokuqeqesha kwagcina kungaqediwe. Ikomidi elicwaninga amabhuku lithole ukuthi amarekhodi okuqeqeshwa awatholakali ukuze acwaningwe,” kusho lombiko.
UMnuz Mdu Nkosi weIFP uthe akashaqekile ngokudalulwe wumbiko. Uthe oMasipala bamadolobha amancane banezinhlelo ezingcono zokubhekana nezinhlekelele ukudlula oweTheku.
“Uphiko labatakuli lubaluleke kakhulu kodwa uMasipala weTheku awukuthatheli phezulu ukuthi ikomidi lawo elicwaninga amabhuku aliwatholi amarekhodi. Umkhandlu kade wacelwa ukuthi ukhiphe imali ezosiza abantu abahlukunyezwa yizinhelekelele kodwa abekho abaqinisekisa ukuthi imali ifinyelela kubantu abadinga usizo.
“Lokhu kuyasitshengisa ukuthi umasipala awukuqinisekisi ukuthi kuyenziwa abakuvumele ukuthi kwenziwe kulolu phiko nokusho ukuthi kwalona luyinhlekelele,” kusho uNkosi.
UMhlongo uthe ikomidi liphinde lathola ukuthi isithangami eseluleka lolu phiko besingasebenzi ngendlela enelisayo. Sigcine ukuba nomhlangano ngoNovemba 2015. Kuphindwe kwatholakala ukuthi belungasebenzi kahle nohlelo lwe-E Sponder.
UNkk Sharmaine Sewshanker, wophiko lwezokuphepha, usizo oluphuthumayo nokuvikela kwi-DA, uthe uthole ziningi izinto ezishayisanayo emiphumeleni yekomidi elicwaninga amabhuku kunalokho abakudalulile.
“Sitshelwa ukuthi zonke izinto zihamba kahle kodwa ikomidi elicwaninga amabhuku lithole imiphumela eshaqisayo,” kusho uNkk Sewshanker.
UNkk Sewshanker uthe uMasipala wafika necebo elinzulu lalolu phiko eminyakeni edlule kodwa lokhu ababekuhlongozile akwenziwa uma kunezinhlekelele.
Uthe izinhlelo zokuhlaba umkhosi kazisetshenziswanga ngezikhukhula zango-2017 nezango-Epreli nonyaka.
Umbiko wekomidi elicwaninga amabhuku likuvumile lokhu.
“Yize satshengiswa lelo cebo kodwa alikaze lisetshenziswe. Imibiko esiyithole ekomidini ayiqinisekiswa, kungenzeka ukuthi asitshelwa okwenzeka ngempela kulolu phiko,” kusho uNkk Sewshanker.
Umqondisi wenhlangano yezemvelo emphakathini waseThekwini, uMnuz Desmond D’sa, uthe bacela uhlelo lukaMasipala lwezimo eziphuthumayo kusukela ngo-1998.
“Uma kunenhlekelele abantu abazi ukuthi babalekele kuphi. Sinengqalasizinda enkulu namabhajethi amakhulu kodwa abantu abavikelekile,” kusho uD’sa.
Ngo-Ephreli babalelwa ku-70 abantu abashona, izinkulungwane zahlukumezeka, kwalimala ingqalasizinda okwalinganiselwa ukuthi ingalungiswa ngo R1 billion ngenkathi kunezikhukhula.
Umkhulumeli womkhandlu, uMnuz William Mapena, uthe umnyango wezomthetho uzobhekana nezinkinga eziphakanyisiwe.
Ibamba leMeya, uNkk Fawzia Peer, litshele uMhlongo ukuthi sebazise abaphathi bedolobha ukuthi bexazulule izinkinga eziveziwe.