UMAHOSHA uphunyuke wayophahlazeka phansi esuka phezulu esitezi sehhotela laseThailand ngesikhathi bezitika ngocansi nesosha ebeliyikhasimende lakhe.
UWannipa Janhuathon (26) ubesebenza endaweni yokucima ukoma futhi ubondla umndeni ngalo msebenzi wokujabulisa abesilisa.Kuthiwa ukugcina ukubonakala ubeqhutshwa yileli sosha eselayeka emsebenzini benyukela esitezi phezulu beyojabula.
Utholakale efile ngezintatha ngezithuba zehora lesihlanu. Kuthiwa izinkomba ziveza ukuthi uwe esuka esitezi sesihlanu lapho bekungongaphansi nongaphezulu nesosha elinika lokho ebelikukhokhele imali. Kuthiwa baphatheke kabuhlungu abangani bakhe njengoba ubekade eshutha efaka izithombe zakhe ezijabulele ezipholele ezinkundleni zokuxhumana.
Ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo lwawo kuvele ukuthi lo wesifazane ubesehlala kuleli zwe ngokungekho emthethweni njengoba iVisa yakhe ibisiphelelwe yisikhathi. Amaphoyisa aveze ukuthi imbangela yokufa kwakhe kube ubudedengu bokwenza ucansi endaweni engaphephile ezitezi. - The Daily Mail