USUGOBE amadlangala komakhelwane umndeni waseNewlands West, eThekwini, okuthiwa ushiselwe umuzi yisoka lomzukulu.
Kuthiwa umzukulu (15), obekade ekhulelwe, ubalekisiwe ekhaya emuva kokushaywa yisoka lithi ukhiphe isisu.
Isoka kuthiwa liqonde kulo muzi emuva kokushaya umzukulu lafike lashisa izimpahla zakhe ngaphandle, labe selishisa nendlu ngoMgqibelo.
Uninakhulu uthe bahlalele ovalweni ikakhulukazi ngoba bangabantu besifazane abahlala bodwa.
“Kumanje sihlala komakhelwane emuva kokuba isoka lomzukulu lishise indlu yami. Ngishayelwe ucingo wumzukulu ngoLwesihlanu ekhala ethi ushaywa yisoka lakhe. Ngaya kubo kwesoka nangempela ngafica livalele umzukulu endlini lithi lifuna ingane yalo, lisola umzukulu ngokuthi uhushule isisu. Ngathatha umzukulu ngamyisa esibhedlela. Entathakusa ngoMgqibelo isoka lifike lashisa indlu yami. Kumanje umzukulu usekubhaceni ngoba isoka lakhe asazi noma lizombulala yini,” kusho uninakhulu.
Uthe umzukulu umtshele ukuthi isisu siphuphumile kodwa usalinde umbiko kadokotela omhlolile ngemuva kokushaywa kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaywa kowesifazane nelokushiswa komuzi.
“Amaphoyisa aseNewlands East avule icala lokushaya ngoLwesihlanu. Kukhona necala lokushiswa komuzi elivulwe ngoMgqibelo. Kusaphenywa akekho oseboshiwe,” kusho uCaptain Gwala.
“Umzukulu ufunda uGrade 10, besingazi ukuthi uthandana nalo mfana. Sithole emuva kokushiswa komuzi ukuthi banonyaka nohhafu bethandana. Ngokwazi kwami umfana uneminyaka ewu-21 akafundi futhi akasebenzi,” kusho uninakhulu.
USALE unje umuzi ngemuva kokushiswa yisoka lentombazane eneminyaka ewu-15 ebisolwa yisoka ngokukhipha isisu. Isithombe: Isithombe: Bongani Mbatha African News Agency (ANA)
Uthe okwenzekile kumphazamisile yena nabanye abazukulu bakhe ahlala nabo nezingane zabo ezifunda isikole ezisencane kakhulu.
“Asazi sizokhosela isikhathi esingakanani komakhelwane kodwa siyesaba ukuthi silungise ekhaya ngoba umsolwa uthe usazobuya azoshisa,” kusho uninakhulu.