UMNDENI wowesifazane oklinywe wancishwa umoya ngenkomishi waze washona KwaJomela, KwaNongoma, ufisa libolele ejele isoka elibhekene nezinsolo zokubulala.
Isidumbu sikaNksz Lwazi Myeza (26), sitholwe endlini yesoka lakhe ngoMgqibelo sesihanjwa yizintuthwane.
Umufi kuthiwa utholwe nenkomishi eyimaki yensimbi isamvale umlomo nokusolwa ukuthi ubemncisha ngayo umoya, wabe esemklinya.
Umamkhulu kamufi, uNksz Celiwe Myeza uthe ngenxa yokuhlukumezeka abakubonile leli soka bafisa engabe nalo libulewe kunoma liboshwe.
“Namanje angikholwa yisihluku okubulawe ngaso ingane yami iklinywa, incishwa umoya ngenkomishi, nebhulukwe abeligqokile litholwe linegazi nokwenza sisole ukuthi umdlwengulile. Leli soka elingumsolwa belihlala ngokumshaya. Kumanje indodakazi ishona nje ibingasezwa emadlebeni nasemehlweni ingasaboni kahle ngenxa yesibhaxu sesoka. Nami nje nginesibazi ngigencwa yilo isoka lifuna indodakazi ngenkani, ubenobulwane,” kusho uNkk Myeza.
Elandisa Isolezwe uthe ngoLwesihlanu umsolwa wafika elwa efuna umufi ngenkani. Uthe umtshelile ukuthi akekho ngoba emfihla.
Umsolwa kuthiwa ugcine ekwazile ukumthola kwezinye izihlobo abecashe kuzo wahamba naye.
“Ngithintwe ngomakhelwane bakubo kwesoka ngoba bebone indodakazi idindilizile endlini yesoka. Umsolwa ubesebhace ezihlotsheni, ulandwe khona waboshwa,” kusho uNksz Myeza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu 36 ovele izolo enkantolo. Umphumela wecala enkantolo awuzange utholakale njengoba idokodo belisesenkantolo.
UNksz Myeza ulandise Isolezwe kabanzi ukuthi ingane kadadewabo ayikhulise njengeyakhe kulandela ukushona kukanina esemncane, ibisiphila okwenyamazane ngenxa yokuhlukunyezwa yisoka layo.
Uthe icala wake walivula kodwa ngendlela abemshaya ngayo, emsabisa waze wayolicisha.
Uthe umufi ubenengane eneminyaka eyisikhombisa, ebesekufana nokuthi eyakhe uNkk Myeza ngenxa yokuthi unina ubehlala ngokujahwa yisoka limlande ngenkani kubo.