KUBONWA ngokusa kowesifazane waseGillits, eThekwini, oklajwe yisoka ebusweni, lamhlinza isisu lase limkopolota iso emuva kokwaliwa.
Isoka bekulindeke ukuthi livele izolo eNkantolo yeMantshi yasePinetown emuva kokuboshwa ngeledlule.
Kuthiwa isisu somgilwa oneminyaka engu-30, igama lakhe eligodliwe, besivulekile amathumbu engaphandle kanti kuthiwa kubonwa ngokusa kuyena kwesinye sezibhedlela esiseThekwini, igama laso eligodliwe ukumvikela.
Osondelene nomgilwa okhulume neSolezwe, ongathandanga ukudalulwa ngenxa yokwesaba, uthe owesifazane ubehlala enezibazi zokushaywa ehlezi ekhononda nsuku zonke.
“Ngishaywa wuvalo uma ngicabanga into engiyibonile. Isisu besivulekile, amathumbu engaphandle ngisho nakho konke okuphakathi kusona. Angikaze ngilibone igazi elingakaya empilweni yami. Selokhu kwenzeke lesi sehlakalo ubuthongo abufiki nhlobo,” kusho umthombo.
Uthe lezi zithandani bese zithandane iminyaka emithathu futhi zihlala ndawonye.
Ngesikhathi eqala ukumshaya uthe wayefihla engafuni ukuveza kodwa ekuqaleni kwalo nyaka wazidela amathambo wabatshela ngokuhlukumezeka kwakhe kwazise ubesalokhu enethemba lokuthi isoka lizowuyeka lo mkhuba.
Kuthiwa umgilwa ugcine esefinyelela esinqumeni sokulilaxaza kanti usezidonsela amanzi ngomsele.
Kusolakala ukuthi izinkinga nokushaywa komgilwa bezidalwa ukungazethembi kwesoka njengoba kuthiwa owesifazane nguyena obesebenza isoka lingawutholi umsebenzi.
Omunye umngani naye ocele ukungavezwa, uthe ukholwa wukuthi izinkinga phakathi kwalezi zithandani zidalwe ukungazethembi kukamsolwa ngenxa yokuthi akasebenzi futhi ubuhle besithandwa sakhe bebumqwashisa.
“Umngani wami uyatohoza, isoka alisebenzi. Belicikwa wukuthi uma eholile ubezithengela izinto azithandayo zokugqoka. Abantu bebemncoma, lokho bekumdina umsolwa agcine emshaya. Wasitshela ukuthi ukhathele wathi usefuna ukuthi bahlukane,” kusho umngani.
Imithombo eyayikhona ngosuku lwesigameko iveze ukuthi umsolwa wacikwa wukubona intombi yakhe ijabule nabangani emuva kwephathi yomunye wabangani.
Kuthiwa umsolwa wagxavuna owesifazane wathi abahambe.
Owesifazane wanqaba waze wathi ucela bahlukane akasamfuni.
Omunye owayekhona uthe bakholwa wukuthi ukwaliwa kwamdina wabe eseyomlimaza.
“Umakhelwane owafika esamklabha wamlimaza ngawo ucelemba ebusweni waphinde wamsongela ngokumbulala,” kusho umngani.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Zwane, usiqinisekisile lesi sehlakalo wathi icala lokushaya ngenhloso yokulimaza livulwe esiteshini samaphoyisa eHillcrest.
Uthe umsolwa uzovela enkantolo namhlanje.