Mbali Khanyile
IPHENDULEKILE imithandazo yomphakathi waseMtikini, eManguzi, obudonsa kanzima ngenxa yokuswela amanzi.
Lo mphakathi obese kuphele iminyaka engaphezu kwengu-10 ubhekene nenselelo yokulanda amanzi kude, usuzokuzwa ngendaba ukuwaswela njengoba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ngokubambisana noMhlathuze Water, uwuhlinzeke ngepayipi lamanzi elizophakela amawadi amathathu ngaphansi kukaMasipala waseMkhanyakude.
UNksz Lindiwe Sibiya, ongomunye wamalungu omphakathi, uthe ukungena kwamanzi endaweni kuzoyithuthukisa impilo yabo njengoba bekuwumqansa ukuwathola eminyakeni edlule.
“Bekunzima kakhulu ukuthola amanzi, sivuka ngezintatha ngabo-3 siyokha amanzi. Kwesinye isikhathi besiphoqeleka ukuthi siqashe imoto ukuze isilandele amanzi edolobheni, eSikhemelele ngenxa yokuthi bekungelula ukufinyelela khona ngezinyawo,” kusho uNksz Sibiya.
Phakathi kwezindawo zaseManguzi ezisizakele ngokufakwa kwamanzi kubalwa iSikhemelele, uMtikini naseSicabazini.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukwethulwa kwengqalasizinda yamanzi, kuzokwethula umthwalo obubhekene nomphakathi wale ndawo.
Okhulumela uMhlathuze Water, uMnuz Siyabonga Maphumulo, uthe uyakholwa wukuthi inselelo yokushoda kwamanzi eManguzi izonqandeka njengoba isikhungo sabo sikwazile ukuthi sifake amanzi kulawa mawadi.
“Inhloso yethu wukuqiniseka ukuthi siyalwa nezinselelo zomphakathi ongenawo amanzi njengoba sitshale izigidi zamaRandi ohlelweni lokufakwa kwamanzi kuwo wonke amawadi anenkinga,” kusho uMaphumulo.