KUGWAZWE kwabulawa isitshudeni saseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseWestville ngemuva kwendumezulu yomcimbi wezitshudeni, iMother of All Bashes ezintatha zayizolo.
Lo mcimbi obekumenywe kuwo izintandokazi zeGagasi FM, uSphectacula noDJ Naves, uphele kabi. Isitshudeni esina-22 igama laso eligodliwe ngoba singekho isiqiniseko sokuthi umndeni waso usuyazi ngokushona kwaso, kuthiwa sigwazwe ngemuva kwengxabano esuke phakathi kwaso nezinye izitshudeni ezintathu.
Umengameli weSRC eWestville, uFulufhelo Mulidzwi uthe: “Ubulawe ezintatha ngaphakathi enyuvesi ngemuvakomcimbi. Kuthiwa uxabane nezinye izitshudeni azaziyo, omunye wazo wamgwaza washona. Anginayo imininingwane eminingi okwamanje."
UFulufhelo uqhube wathi basazohlangana nezikhulu zenyuvesi ukubheka ukuthi bangaziqinisa kanjani ezokuphepha ngemuva kwalesi sigameko esibashiye beshaqekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseWestville aphenya icala lokubulala, akukaboshwa muntu.
“Ngo-4:30 ezintatha kugwazwe kwabulawa isitshudeni ngesikhathi kusuka ingxabano emcimbini wezitshudeni. Lesi sitshudeni sitholwe sinoxhaxha lwamanxeba okugwazwa emzimbeni ngenhla. Kuthiwa sigwazwe abasolwa abathathu, abasagcwele amathafa,” kusho uCol Mbele.