ISITELEKA sabasebenzi abaqoqa udoti eMsunduzi sishiye izakhamuzi zakule ndawo zikhala ngokungcola kwedolobha uMgungundlovu.
Yize isiiteleka sezinsuku ezimbili saphela ngoLwesithathu, kepha izakhamuzi zakulo masipala zisaqhubeka nokukhala ngokungaqoqwa kukadoti.
Abasebenzi kulo masipala badube umsebenzi izinsuku ezimbili ngesonto eledlule, bekhala ngokungathengelwa imifaniswano emisha yomsebenzi kanye nokuhola kancane.
Iningi labantu likhale ngengqumbi kadoti ongaqoqiwe edolobheni.
Isolezwe lithintwe izakhamuzi eziningi zakule ndawo ebezikhala ngokuthi idolobha linuka phu.
Omunye wezakhamuzi, uMnuz Sibongiseni Dlamini, uthe bebejomba udoti zonke izinsuku ngesonto eledlule.
“Iyihlazo le nto eyenzeka kuleli dolobha. Inhloko dolobha yesifundazwe ihlulwa ngisho nangamadolobha amancane. Ngeke uwafice engcole kanje amadolobha amancane.
“Lonke leli sonto udoti awuzange uqoqwe ezindaweni eziningi. Udoti obuwujombe ngayizolo, ubuwufica ngakusasa.”
Esinye isakhamuzi, uNksz Nokuthula Ngcobo, sithe vele umasipala kade wahluleka ukuqoqa udoti.
“Sekunesikhathi eside idolobha lizibolele. Kubukeka sengathi akekho umuntu onendaba. Thina sithwele kanzima.
“Lokhu kungcola kugcwele kakhulu emarenki anamatekisi aya emalokishini abantu abamnyama. Kukhombisa ngokusobala ukuthi umasipala awusihloniphi nakancane.”
Omunye wosomabhizinisi odayisa kwenye yamarenki akuleli dolobha ongathandanga ukudalulwa, uthe sebesaba nokuthi bazothola izifo.
“Abantu akufanele basebenzele endaweni enje. Lena yindawo efanele izingulube. Ziningi izifo ezingasingena la.”
Uthe ukungcola kwedolobha kuphazamisa amabhizinisi abo.
“Okubuhlungu ukuthi lena indawo ephithizelayo, kodwa abantu babukeka bengenamdlandla wokuthenga ikakhulukazi ukudla.
“Nami angibasoli. Ngeke ngikuthenge ukudla okuphekwe endaweni engcole kanje. Ngeke ngikwazi ukukudla lokho kudla.”
Okhulumela umasipala, uNksz Thobeka Mafumbatha, uthe isiteleka sabasebenzi abaqoqa udoti senze ukuthi umasipala usilele emuva ekuqoqeni udoti.
“Kodwa ke abasebenzi sebebuyelile emsebenzini, basebenza ngokuzikhandla ukuphuthuma ukuqoqa udoti.”
UMafumbatha uthe bebelindele ukuthi kubuyele kokwejwayelekile ukuqoqwa kukadoti izolo.