OMUNYE wabaholi igama lakhe elivelayo kwabangase bahole i-ANCYL njengoba ilungisela ingqungquthela kazwelonke, wuMnuz Mcebo Dlamini.
UDlamini uthe ngeke anqabe uma kukhona amaqabane amthumayo ukuthi awahole.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uDlamini uthe akhona amaqabane aseze kuyena, athi angafisa ukuthi abe ngumengameli we-ANCYL.
UDlamini, owazakhela udumo ngokuhola imikhankaso yeFeesMustFall, kulezi zinsuku useThekwini lapho ebonakala khona ethatha izithombe namaqabane ngaphansi kwesifunda iTheku.
“Umamkhulu wami uhlala eNtuzuma njengoba ngikhona lapha, ngize kuye ngizophumula. Kodwa phela uma ufikile endaweni uyiqabane kumele uvakashele amanye amaqabane,” kusho uDlamini.
Uthe akhona amaqabane aseveze ukuthi angafisa ukuba awahole kwi-ANCYL.
“Nami ngikuvezile ukuthi uma abantu abasha bethi bayangithuma ngoba phela ukuba ngumholi wubizo, uma nawe unalo ubizo futhi uma uthunywa kawusho ukuthi hhayi mina sengathi namhlanje ngikhathele. Ngingasho nje ngithi ikhona into enjalo, ngeke ngikufihle futhi ukuthi ngizovuma uma intsha isithwesa umthwalo,” kusho uDlamini.
Uthe ngaphandle kwaseKZN, akhona futhi amanye amaqabane akwezinye izifundazwe ikakhulukazi eGauteng nase-Eastern Cape akhuluma indaba yakhe.
UDlamini isikhundla sokuhola i-ANCYL angase asibange noMnuz Sifiso Mtsweni okumanje onguSihlalo weNational Youth Development Agency noMnuz Reggie Nkabinde.
Omunye wabantu abebethwelwe ngeqoma esikhundleni nguMnuz Thanduxolo Sabelo onguNobhala we-ANCYL eKZN kodwa manje obonakala sengathi usehoshe imfe njengoba igama lakhe seliphakanyiswa ohlangothini olufuna ukuhola iTheku.