UMA kukhulunywa ngabesifazane abayizingqalabutho emlandweni wenkululeko yezwe lethu usuke ungakaqedi ukukhuluma ungakaliphathi igama likamakadebona womzabalazo uNkk Nomzamo Winnie Madikizela-Mandela. Omunye uzozibuza ukuthi kungani sivele sisukela yena nje bebaningi kangaka, phela uMadikizela-Mandela owayibamba ishisa ngezikhathi zengcindezelo uhlanganisa iminyaka engu-80 esadla anhlamvana.
Wazalwa ngo-1936 eMbongweni, eMbhizana esifundazweni i-Eastern Cape ezalwa nguMnuz Columbus noNomathamsanqa Getrude Madikizela. Abazali bakhe ababengothisha bashona eneminyaka engu-9. Lesi sishoshovu somzabalazo siyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC. Okunye abantu abaningi abangakwazi ngoMadikizela-Mandela wukuthi waqopha umlando ngokuba ngowesifazane omnyama wokuqala ukusebenza njengosonhlalakahle. Phela ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo kwakuyivela kancane ukuthi umuntu onsundu athole imisebenzi enjalo.
Uneziqu zeBachelor of Arts azithola e-University of Witwatersrand abe ne-National Diploma in Social Work ayithola eJan H Hofmeyer School of Social Work.
UMadikizela-Mandela wajoyina i-ANC ngo-1950, kwathi ngo-1957 wahlangana nengqalabutho yomzabalazo eyagcina ingumengameli wokuqala omnyama wale lizwe, uDkt Nelson Rolihlahla Mandela. Washada noMandela emva kokuba ehlukanise nowayengunkosikazi wakhe u-Evelyn Mandela. Ngesikhathi uMadiba ehlangana noMadikzela wayenecala lokuvukela umbuso ehambisana nezinye izigayigayi zomzabalazo. NgoJuni 19, 1958 bashada baba nomuzi eSoweto, bathola amadodakazi amabili uZenani noZinzi.
Izinto zake zaba nzima kakhulu empilweni kaMadikizela-Mandela ehlukunyezwa wuhulumeni wobandlululo ngoba eshade nalesi sishoshovu somzabalazo. Wayeshaywa, aboshwe engavunyelwe ukuya ezindaweni ezithile, enqatshelwa ukusebenza kubhekwa nokuthi uxoxa nobani. Konke lokhu kwakwenzeka ngesikhathi uDkt Mandela esejele eRobben Island lapho agqunywa khona iminyaka engu-27 ngamacala okuvukela umbuso.
Njengoba IsiZulu sisho ukuthi akukho siziba singahlokomi, nakuMadikizela-Mandela akuhambanga kahle phakathi kwakhe noMadiba njengoba lagcina ligqabukile ifindo lomshado wabo.
Ezikhundleni ezibalulekile ake aziphatha uMadikizela-Mandela kubalwa esokuba uMengameli we-ANC Womens League, aphinde abe yilungu lesigungu esiphezulu kuKhongolose, abuye abe yilungu lePhalamende kuzwelonke. Wake waba yiPhini likaNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko kuzwelonke, waba yiNhloko yoMnyango wezeNhlalakahle kuZwelonke.
Wabuye wabamba elikhulu iqhaza ezinhlelweni nasemikhankasweni eminingi yenkululeko yezwe. Igama lakhe liyohlale lisemlandweni. Uke wasungula neqembu lebhola iMandela FC eyagcina iyamaniswa nezigameko zobelelesi.
Uhlabane ngezindondo zokuhlonishwa azithola ngokuhlanganyela noDkt Mandela okuyi-Bremen Solidarity Prize neThird World Foundation Prize. Kamuva nje uke waphoxa umholi we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema emtshela kwezikabhoqo ukuthi ngeke alijoyine iqembu lakhe. Phela ubudlelwane babo ungabufanisa nobukamama nendodana.
UMadikizela- Mandela wakubeka kwacaca ukuthi alikho elinye iqembu lezepolitiki alaziyo emhlabeni ngaphandle kwe-ANC akhulela kuyona.
Uke wahlushwa wukugula kodwa wabuye walulama. UMadikizela-Mandela ungomunye wabesifazane abansundu abayisibonelo esihle emphakathini okungathi uma intsha yakithi ibukela kuye kube kuningi ekuzuzayo empilweni ibe ngabaholi bakusasa abakhaliphile.