KULINDELEKE siphume namhlanje isinqumo ngesicelo sebheyili sekhansela le-ANC elisolwa ngokubulala elinye okusolwa kukho umbango wesikhundla eMlaza. Izolo eNkantolo kaMantshi eMlaza abameli babasolwa baveze izethulo zabo.
UMbuso nawo waqala ukuveza ezawo ngesicelo sebheyili. Kulindeleke imantshi, uMnuz Thulani Mbuyazi, ukuba ihlaziye okubekwe wuMbuso nabameli, bese ikhipha isinqumo. Izolo leli cala belithanyelwe uMengameli we-ANCYL kuzwelonke, uMnuz Colleen Maine. Ufike icala seliphakathi.
Ikhansela laku-ward 80, uMnuz Mthokozisi Nojiyeza, lisolwa ngetulo lokubulala ikhansela laku-ward 88 uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo, ngo-Okthoba nyakenye. UNojiyeza usolwa noMnuz Phumlani Nojiyeza noNkosinathi Mbambo ngaleli cala.
Ummeli wekhansela, * -Advocate Simphiwe Mlotshwa, okhulume cishe amahora amathathu, enxenxa inkantolo ukuba inikeze uNojiyeza ibheyili, uthe ngokwakhe alikho leli cala ngoba alinabufakazi futhi umphenyi wecala uchemile.
“Okokuqala nje umuntu uma esola omunye ngecala kumele akwazi ukuletha ubufakazi ngalezo zinsolo kodwa lapha asikuboni lokho. Bengiqala ngqa empilweni yami ukuzwa umphenyi ethi ngendlela ababaningi ngayo abantu aseke ababopha, wabapheka ngemibuzo ngaleli cala, kwayena uyahluleka nokubabala.
Lokhu kwenza ngibone ukuthi umane uzingela ikati elimnyama elingekho, uyazidobela nje ukuze abone ukuthi yini angayibamba ngaleli cala. Akukho okubambekayo okuthinta umsolwa wesibili (Nojiyeza) kuleli cala,” kusho uMlotshwa.
Uphinde wathi kwaphulwa umthetho, angalandelwa amalungelo kamsolwa ngesikhathi eboshwa njengoba washaywa, wanqatshelwa nokutshela umndeni wakhe ukuthi ukephi ngesikhathi eseboshiwe.
Imantshi ibuze uMlotshwa ukuthi yibuphi ubufakazi anabo bokuthi leli khansela lashaywa amaphoyisa.
“UMbuso yiwona obekumele ulethe ubufakazi ngoba yiwona obopha umuntu, umgcine ezitokisini.
“Umsolwa uvezile amanxeba abesephola lapho asho khona ukuthi ulinyazwe amaphoyisa kade emshaya. UMbuso uhlulekile ukuphikisa ukuthi umsolwa washaywa,” kusho uMlotshwa.