BAGQUGQUZELWE yizimo zasemakhaya abafundi abadabule o-A abangu- 8 ezifundweni zabo zika-matric umuntu ngamunye.
Abafundi baseSibusisiwe Comprehensive Technical High eMbumbulu bashaye into ecokeme ezifundweni zabo.
UFisani Gumede (16), Londeka Duma (17) no-Anele Mthethwa (17) bathi bakhuliswa omama ngabodwana nokwenze bakukhuthalela ukushintsha isimo sabo.
Laba bafundi sebevele bamukeliwe ezikhungweni zemfundo ephakeme kanti badudene ngokuyofunda iBCom Accounting e-University of Cape Town.
Bathole o-A kwisiZulu, English, Maths, Life Orientation, Accounting, Geography, Life Sciences, nePhysical Sciences.
Bonke bakhala ngokuthi bafuna ukuphucula izimo zasemakhaya ngokufunda enyuvesi bese bethola imisebenzi ezobaphilisa.
UWiseman Ngubane obefunda eZwelibanzi High eMlaza udabule o-A abayisishiyagalombili.
Lo mfundi obeyinduna yabafundi uthi ugqugquzelwe yisimo sakubo esingesihle.
Uthole o-A kwisiZulu, English, Maths, LO, Agricultural Sciences, Geography, Maritime Studies nePhyscial Sciences.
“Ngazitshela nje ukuthi kufanele ngishintshe isimo ekhaya ngoba ubaba akekho ngikhuliswa umama yedwa. Ngibonga nothisha abahlale besimele ngemuva bethi asifunde’’ kuchaza uWiseman, kubonakala ukuthi uchichima injabulo ebusweni.