Izindaba

Isimemo sabezindaba ngesimemezelo okuthiwa esikaJacob Zuma

Khethukuthula Sangweni|Published

ISIMEMO sabezindaba okuthiwa uMnuz Jacob Zuma uzobe ememezela kusona ngekusasa lakhe Isithombe: SITHUNYELWE

ABEZINDABA sebethole isimemo sesithangami lapho okuthiwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uzokwenza isimemezelo ngekusasa lakhe kwezepolitiki. Isimemezelo Isolezwe linaso, siveza ukuthi isithangami nabezindaba sizoba ngoMgqibelo, eSoweto, eJabavu.

Kuthiwa kuzobe kuhlangenwe e-Ipelegeng Community Centre nezithuba zika-2 ntambama. Isimemo lesi sineziqubulo futhi abezindaba bamenyelwa ekutheni bazoba wofakazi wokuvulwa kwekhasi elisha.

Isimemo asicacisi ukuthi uZuma uyomemezela iqembu elisha noma uyojoyina elivele likhona. Kukhona iziqubulo ezithi: ”Kwasuka lokho!” “Phakama Moya oNgcwele!” “Vuka mathambo amhlophe!”

Bekulokhu kusabalele imibiko ethi uZuma kungenzeka athushuke neqembu elisha. UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba uke washo ukuthi bayazi ngamahemuhemu ayamanisa uZuma neqembu elisha.