ABAWUVALI umlomo abantu baseMsilili, KwaSwayimane, ngesimanga senkomo ezale inkonyane enamakhanda amabili.
Inkomo kaMnuz Lindelani Maphumulo (34), uZiyabuya, eyisithole ebesiqala ukumitha, yenze okungajwayelekile izolo sizala inkonyane enanamkhanda amabili kodwa umzimba uwodwa.
Umnikazi wale nkomo uthe ubizwe esemsebenzini izolo ukuba aphuthume azobona umhlola.
“Inkomo yami ibimithi, bangifonela ekuseni namhlanje (izolo) ngisemsebenzini ukuthi iyazala kodwa akuzaleki. Ngicele omunye ubaba wakwamakhelwane ukuba azolekelela. Kuze kwadingeka ukuba balidonse inkonyane, ukuze liphume ngoba amakhanda abebheke ezindaweni ezehlukene. Bathuke bonke abantu sekuphuma inkonyane enamakhanda amabili,” kusho uMaphumulo.
Uthe bekumele bayilekelele bayizalise ngoba ibisengozini yokufa le nkomo.
“Ukube abazange bayidonse inkonyane ibizogcina ngokufa,” kusho uMaphumulo.
Lo mlimi othe unezinkomo ezingaphezu ku-30 uthe ubeqala ngqa ukubona into emvelele.
“Kuyenzeka inkomo ibe namankonyane amabili kodwa awahlangani kanjena. Lena inamamkhanda amabili kodwa umzimba uwodwa nezinyawo ezine. Kube yinto eyisimanga nengajwayele kwimvelo yezinkomo,” kusho uMaphumulo.
Elanda ngale nkomo yakhe athi wayithenga emapulazini, uthe: “Ineminyaka emithathu, ibiqala ukuzala. Inkomo nje efana nezinye,”
Uthe le nkonyana enamakhanda amabili usayigcinile ekhaya kuze kube kufika abagcina amagugu abathe bafisa ukuyithatha.
Uthe abenhlangano yezilwane ubengakaze abathinte ngalokhu okumvelele.
Ebuzwa ukuthi ngokwakhe lokhu okumehlele kuchaza ukuthini uthe: “Angikwazi ukuyichaza le nto.Ubaba obeyibelethisa inkomo uthe kuyinhlanhla lokhu, kusho ukuthi sizokwanda isibaya sami. Abanye bathi kumele ngiyohlola, kukhona ekukhombayo kodwa mina ngikuthatha ngokuthi into eyenzekile nje kwaphela,”
Isolezwe lithole ukuthi abantu bebengena bededelana kulo muzi bezobona isimanga. Kuthiwa abanye baze baqasha nezimoto besuka kwezinye izindawo KwaSwayimane.