I-IFP ithi kungcono ixazululwe amajaji asenkantolo enkulu inzukazikeyi yodaba lweLungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNkk Zandile Gumede, ohola ehleli njengoba emisiwe emsebenzini.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, wethule lokhu esithangamini sabezindaba abesibize emahhovisi eqembu eThekwini ngoLwesihlanu.
Isithangami besibizwe ngenhloso yokuzokhuluma ngalokhu i-IFP ethi yinkohlakalo edla lubi kuhulumeni wesifundazwe.
UNkk Gumede ongundabamlonyeni ufungiswe esiShayamthetho ngo-Agasti kodwa akakaze aqale ukusebenza ngoba kwasuka omkhulu umsindo kukhalwa ngokuthi ufike kanjani khona, wagcina emisiwe.
Umsindo usukela ekutheni uhamba icala elimayelana nethenda kadoti lapho esolwa ukuthi wathola amaqatha omngenandlini nabanye aboshwe nabo.
UHlabisa ehambisana nekhokhasi ye-IFP ayiholayo esiShayamthetho sesiFundazwe, uthe abameli sebeyawaqeda amaphepha, bazowathumela maduze nje.
“Sizonazisa nje kuleli sonto elizoqala ngoba kuqedelwa izinto ezimbalwa bese amaphepha eyafakwa enkantolo enkulu.
“Ngeke sihlale sisonge izandla kube kukhona umuntu ohola imali yabakhokhi bentela engenzi lutho. Sesizamile ukuyikhuluma le ndaba ayilungi, sekufanele inkantolo inqume ngayo,’’ kuchaza uHlabisa.
Uthe banalo ithemba lokuthi isicelo sabo singaba yimpumelelo enkantolo futhi bazokwenza lokhu ngemali ye-IFP.
UHlabisa uphinde wamemezela ukuthi sebebike ngodaba ophikweni iSpecial Investigating Unit (SIU) ngodaba lwenkohlakalo ethinta izimpahla zokuvikela iCorona.
Uthe nakhona lapho uphiko lwabaphenyi lubhalile lwathi luyasithola isicelo sabo, luzosisukumela.
“Ziningi izinkampani ezithole amathenda kodwa kwacaca ukuthi imali yenyuswe ngokuphindwe kaningi, ezinye zinikwe umsebenzi zingakulungele ukuwenza kodwa zakhokhelwa,’’ kuchaza uHlabisa ngesineke.
UNksz Nomusa Phungula osehhovisi likaSomlomo wesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uthe bayezwa ukuthi udaba luyiswa enkantolo.
“Siluzwile udaba lwe-IFP, akukho okutheni esingakusho manje.Sizolinda ukuthi bathatha ziphi izinyathelo bese nathi siyabona ukuthi simisa kanjani ,’’ kusho uNksz Phungula