USOMLOMO esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, uthi Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini sizoqhubeka nokuvula isiShayamthetho enkundleni yezemidlalo eRoyal Show Grounds eMgungundlovu phezu kwesikhalo se-EFF ebithi ukuba khona kwaso kudla imali yabakhokhi bentela.
Imbube izovula iShayamthetho ngoMashi 3, bese kuthi uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ethule inkulumo yakhe yesifundazwe ngoMashi 4.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNksz Boyce uthe uma kuba khona ukuphazamisa okwenzekayo bazophoqeleka ukuthi balandele imigomo nemithetho yeNdlu.
“Ikhona imigomo nemithetho yeNdlu yokumelelana nesimo sokuphazamisa kodwa angifuni ukwenaba kakhulu ngalokho,” kusho uNksz Boyce.
Uthe banobudlelwano obuhle neSilo samabandla njengoba sihlale sibanikeza izeluleko kanti futhi Isilo kade saqala ukuvula isiShayamthetho.
UNksz Boyce ukuqinisekisile futhi ukuthi nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ungomunye wezimenywa emcimbini.
“Ukufika kukaMengameli Zuma kuzoncika ekutheni isimo sakhe sempilo sinjani njengoba sonke sazi ukuthi ubebambekile kodwa yena simumemile,” kusho uNkz Boyce.
I-EFF iphakamise ukuthi kube nomcimbi owodwa Isilo uma siba khona sishiyelana inkundla noZikalala ukuze kongiwe imali.
UNksz Boyce uthe benza konke okusemandleni abo ukuthi bazame ukunciphisa izindleko uma beba nemicimbi.
“Phambilini besiba nabantu abawu-2 800 abebehambela umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho baphinde bazolalela inkulumo kaNdunankulu kodwa manje isibalo sehle kakhulu njengoba sesinabantu abawu-2 400 abazofika izinsuku ezimbili okusho ukuthi ngu-1 200 ozofika ngosuku. Lokho kusho ukuthi ukudla kuzokwehla kakhulu kanye nezokuthutha,” kusho uNksz Boyce.
UNobhala wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nerusha Naidoo, uthe ngonyaka odlule basebenzise uR3.6 million ngenxa yokuthi unyaka odlule ubuhlukile.
“Unyaka odlule ubunokhetho. Sibe nomcimbi ngoFebhuwari saphinde ngoMeyi lapho kade sekwethulwa khona ikhabhinethi entsha. Izindleko zizokwehla kakhulu uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Okwamanje ngeke sazi ukuthi kuzosebenza malini, sizokwazi ukukhipha imininingwane yokuthi kusebenze malini emuva komcimbi,” kusho uNksz Naidoo.