Izindaba

ISilo sizogcoba iNkosi yaseMbongobongweni

Sabelo Nsele|Published

INKOSI uMzamo Buthelezi, izigcotshwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoLwesihlanu Isithombe: Sigciniwe

ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizogcoba iNkosi yaseMbongobongweni, uMzamo Buthelezi, ngoLwesihlanu.

Umcimbi wokugcoba uButhelezi uzokuba seMbongombongweni.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukhiphe isimemo somcimbi.

UMnyango uchaze umcimbi wangoLwesihlanu njengengqophamlando.

UButhelezi uwuNgqongqoshe woMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, uphinde abe iPhini likaMengameli we-IFP.

Ubaba omncane wenkosi, uBukhos'abuhawukelwa Buthelezi, uthe sebelala bengalele, njengoba kulungiselelwa usuku olukhulu.

"Lolu usuku oluyingqophamlando esizweni sakwaButhelezi. Kuzokwenzeka into engakaze yenzeke. Sibona sengathi kujabula ngisho imvelo. Ngingasho ukuthi amalungiselelo ahamba kahle ngakuthina.'

UBukhos'abuhawukelwa uthe balindele ukuthi umcimbi uhanjelwe abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene.

"Uma uzokhumbula kahle isizwe sakwaButhelezi sahlakazeka ngesikhathi sezimpi. Kukhona abasoPhongolo, abaseJozini, abaseMtuba nabaseDumbe. Ibo bonke labo bantu esibalindele ukuthi befike."

UBukhos'abuhawukelwa uthe umcimbi wokugcotshwa kwenkosi kufanele engabe kade wenzeka kusaphethe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

"Inkosi kade yahlonzwa, saze sageziswa izandla iSilo uMdlokombane. Ziningi izinto eziphazamisile njengakho ukuvela kobhubhane iCorona, umcimbi walokhu uhlehla. Siyathokoza ukuthi ekugcineni umcimbi uzogcina wenzekile."

UBukhos'abuhawukelwa uthe kubajabulisile ukuqokwa kwenkosi kwiKhabhinethi likaMengameli, uCyril Ramaphosa.

"Lena into enkulu lapha esizweni sakithi ikakhulukazi ngoba inkosi yethu icoshe leli thuba, ikakhulukazi ngoba inkosi yethu iselula, ineminyaka engu-47."

Njengoba umsebenzi wokuba ungqongqoshe udinga isikhathi esiningi, uBukhos'abuhawukelwa uthe uButhelezi ubengakacacisi ukuthi uzoqoka umuntu ozombambela ubukhosi noma uzozibambela.

Umsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, wayebanjelwe ubukhosi ngenxa yokuba matasa ngezinto zepolitiki.

"Inkosi iyona ezonquma, kusekusha ukuba sengingaphawula ngalokho."

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iHhovisi leSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

UButhelezi waqokelwa kwesiPhini likaMengameli we-IFP ngo-2012.

Kwakungokokuqala ukuba kube nalesi sikhundla kwi-IFP.

Uke waba ilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, waba imeya yomasipala wesifunda iZululand, ngaphambi kokuthi abe ilungu lePhalamende.

UButhelezi uchazwa njengenothando lokongiwa kwemvelo nokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane.