ISILO samaBandla, uGoodwill Zwelithini sivale amabhayi anobuso baso eMkhosini woMhlanga.
Sikuveze lokhu sethula inkulumo yokuvala lo mkhosi enkundleni yezemidlalo engaphandle kwesigodlo saso eNyokeni, KwaNongoma, izolo.
ISilo bekumele sethule inkulumo ngoMgqibelo kodwa kwahlehliselwa izolo ngenxa yokuthi isimo sezulu besingesihle ngoMgqibelo.
“Leli bhayi enilembathayo angiyazi ifemu elakhayo. Ngonyaka ozayo akukho ntombi ezobe ilembethe ngoba akukho nokuncane engikutholayo engingakufaka kumfundaze wezingane ezihluphekayo. Lo nyaka ngowokugcina, ngizozenzela elami,” kusho iSilo.
Siqhube sathi oyofika nalo ngonyaka ozayo uzowuchama awuphuze.
Sithe siyazi ukuthi sizogxekwa ngokuhlangana ne-AfriForum kodwa asinandaba ngoba asicheme namuntu. Sixwayise nosopolitiki sathi ukuzikhukhumeza kwabo kuzobalahlekisela ngamavoti.
ISilo sizwakalise ukukhathazeka ngokuthi alukho uphenyo noma ikhomishana eyasungulelwa ukuphenya ngengozi eyadlula nezintombi ezazibuya emhlangeni ngo- 2013.
“Siyafisa ukuthi kube khona umuntu ongasicacisela ukuthi kungani uma kufe osopolitiki lapha KwaZulu-Natal noma iziguli eSidimeni kube nophenyo engilwesekayo nami kodwa ngalezi zingane akukho phenyo nakhomishana eyakhethwayo. Kuthule nje akushiwo lutho. Ngiyacela mhlonishwa ungidlulisele lokhu ngoba kimi kusahleli njengeva ukuthi akukho okuke kwenziwa ngenhlekelele eyehlela izingane,” kusho iSilo.
ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini sivale amabhayi anobuso baso ambathwa izintombi eMkhosini woMhlanga sathi sesizozenzela awaso ngoba asitholi ngisho isenti. Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
UBayede uphinde wakhala ngenkohlakalo enyathelwa ngezinyawo eyenzeka esigodlweni sakhe eminyakeni edlule ngesikhathi uMnuz Paul Mashatile esenguNgqongqoshe woMnyango wezobuCiko kuzwelonke lapho kwashiywa khona phakathi isakhiwo esasizosiza izintombi uma zize emhlangeni.
Uveze ukuthi uhulumeni usanda kumemezela ukuthi kuzoqalwa futhi kwakhiwe kodwa umsebenzi uzoholwa uMasipala iZululand.“Ngabe yikho lokhu ukuthi bafuna izwe lami. Niyafuna bangiphuce izwe lami batwana bami,” kubuza iSilo.
Izintombi zimemeze zonke zathi cha ngeke kwenzeke lokho.
ISilo siphinde sethula iwebsite entsha yalo mcimbi ethi www.umkhosi-womhlanga.org esithe izoqinisekisa ukuthi kuhlezi kunokuxhumana phakathi kwaso nezintombi.