Izindaba

ISilo sifunge sagomela ukuvikela umhlaba

Sabelo Nsele|Published

KUBE injabulo yodwa ngesikhathi kuvulwa umfuziselo weLembe esikhumulweni sezindaza izolo Isithombe: Sibonelo Ngcobo

KUVIYILEYE amabutho kwaqhuma nomkikizo izolo ngesikhathi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, Ndunankulu Thami Ntuli noMengameli uCyril Ramaphosa bevula umfuziselo weLembe esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka International Airport.

Imikikizo neziqubulo beziqhuma isikhumulo sezindiza sonke ngesikhathi uZulu ujabulela ukuvulwa komfuziselo wombumbi wesizwe, uShaka kaSenzangakhona.

Izikhulu zithe ukuvulwa komfuziselo kuzoheha izivakashi kuleli leNdlovukazi uMthaniya. Bese kuphele isikhathi eside kulindwe usuku lokuvulwa komfuziselo ongu-12m ubude.

Kulo mfuziselo kubonakala iSilo saKwaDukuza simi esicongweni, siphethe umkhonto nehawu.

KUBE injabulo yodwa ngesikhathi kuvulwa umfuziselo weLembe esikhumulweni sezindaza, izolo, Isithombe: SIBONELO NGCOBO

ISilo sithe ukuvulwa komfuziselo kufeze iphupho leSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu nelikandunankulu kaZulu ongasekho, inkosi Mangosuthu Buthelezi.

ISilo uZwelithini yisona esayalela ukuthi uqalwe phansi umfuziselo weLembe, sikhala ngokuthi owokuqala wawuveza iSilo saKwaDukuza njengomfana wezinkomo.

Ukubheduka kobhubhane iCorona nokukhothama kukaMdlokombane kwaphazamisa izinhlelo zokuvulwa komfuziselo ovulwe izolo.

Indlulamithi yamakhosi ithe kufanele ukuthi uMdlokombane ujabule ukuthi umcimbi ugcine wenzekile.

“Njengoba ngenze lo msebenzi wokuvula umfuziselo weLembe, ngizwe sengathi iSilo esingizalayo sinathi. Akugcinanga lapho, ngizwe sengathi umbumbi weSilo, iLembe, nalo linathi. ISilo esingizalayo neLembe banathi ngokwemimoya.”

ISilo sincome iqhaza elabanjwa iLembe ngesikhathi libumba uZulu. Sithe iLembe kufanele linconywe ngokuvikela umhlaba. Indlulamithi yamakhosi iphinde yazibophezela ekuvikeleni umhlaba kaZulu.

“Ngiyazibophezela kulabo abangasekho, abaphilayo nabangakazalwa ukuthi ngizolivikela izwe likaZulu impilo yami yonke. Nxa ngisaphila ngeke balithinte nina beSilo. Umhlaba uyikho konke kuZulu.”

ISilo siphinde sakhala ngokuthi umlando awukuvezi ukuthi iLembe lalibuhlonipha ubuholi besifazane.

URamaphosa uthe ukuvulwa komfuziselo kuzothuthukisa ezokuvakasha KwaZulu-Natal.

“Ngonyaka owedlule, baningi abantu abavakashela lapha KwaZulu-Natal bezobona ubuhle okukhona kubo ulwandle, ezemvelo nokuzofunda ngobukhosi. Lo mfuziselo awuzukugcina nje ngokuheha izivakashi eziqhamuka kuleli kodwa uzoheha neziqhamuka kwamanye amazwe.”

URamaphosa uthe umlando weLembe wahlanekezelwa ngabamhlophe, wathi ufuna ukuthi ushintshwe.

Kuke kwasuka isiphithiphithi ngesikhathi kuqhubeka umcimbi, lapho owesifazane ongaziwa ezame ukudlubulundela aye lapho bekuhleli khona iSilo noRamaphosa.

KUBE nesiphithiphithi ngesikhathi owesifazane ezama ukuya lapho bekuhleli khona iSilo Isithombe: SIBONELO NGCOBO

Lona wesifazane obegqoke kahle uvinjwe abezokuphepha abagada uRamaphosa.

Uwaqedile ngezimpama amaphoyisa kaMasipala weTheku ngesikhathi emhudula, emsusa phambi kwezicukuthwane.

Ugcine edluliselwe kwabezempilo, abathe ukukhuluma naye kancane, babuye bamdedela.

ISILO uMisuzulu kaZwelithini noNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, emcimbini wokuvulwa komfuziselo weLembe Isithombe: SIBONELO NGCOBO
UNDUNANKULU uThami Ntuli kuvulwa umfunziselo weLembe Isithombe: SIBONELO NGCOBO
UMENGAMELI wezwe uCyril Ramaphosa esemcimbini wokuvulwa kwemfunziselo weLembe Isithombe: SIBONELO NGCOBO
AMABUTHO ethe shaye ngesikhahti kuculwa umfunziselo weSilo uShaka izolo Isithombe: SIBONELO NGCOBO