UVUKWE umunyu wakhala uMengameli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi ekhuluma ngodaba lomhlaba esikhumbuzweni sempi yaseSandlwana, eNquthu ngoMgqibelo.
Into okusolakala ukuthi idalele uButhelezi (90) isibibithwane ngesikhathi esukumisa Isilo Samabandla uZwelithini, imizamo kahulumeni oholwa yi-ANC yokuqeda Ingonyama Trust ebhekele umhlaba weSilo.
Kuvele ukuthi ikhomishini ebiholwa owake waba nguMengameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe ebibheka izinto eziningi kubalwa nodaba lomhlaba, iphakamise ukuthi ibuyekezwa indaba yeNgonyama Trust.
“Okungiphatha kabi ukuthi ngizohamba emhlabeni ngikushiye notavatava,” kusho uButhelezi kwiMbube ngesikhathi eseyisukumisa. UButhelezi uqale kwangathi uvukwa amadlingozi wagcina esekhala. Uthe uhulumeni we-ANC kade aqala ukuzama ukuqeda iNgonyama Trust ebhekele umhlaba weSilo.
Ikhomishini iphakamise ukuthi Ingonyama Trust iqedwe ngenhloso yokwenza ukuthi iKwaZulu-Natal ihambisane nezwe lonke odabeni lomhlaba. Yenze isincomo esithi uma Ingonyama Trust ingaqedwa ngokushesha kumele ibuyekezwe. Iphinde yathi kumele kuphenywe ngezikhalo ezikhona ngodaba lomhlaba esifundazweni.
Okwamanje umthetho weNgonyama Trust uvumela iSilo kube yisona kuphela umnikazi womhlaba kodwa uma ushintshwa lokho kuzonikeza abantu abahlala kuwona kube yibona abanikazi bawo.
Ingonyama Trust yaphasiswa ngo-1994, ngaphambi kokuthi kube nokhetho lokuqala lwentando yabantu. Inhloso yokuphasisa lo mthetho kwabe kuwukuthi wonke umhlaba owawungaphansi kukahulumeni waKwaZulu udluliselwe eSilweni kube yiso sodwa esingumnikazi wawo. Lo mthetho wabuye wabuyekezwa kwabe sekuthiwa ususingethwe Ingonyama Trust Board. “Kithina umhlaba uwumphefumulo. Uma usithathela umhlaba kusho ukuthi uyasibulala,” kusho iMbube.
Sithe lo mhlaba okuthiwa awusifanele awuyona inkongozelo. Ufunge wagomela ukuthi uzowufela. ISilo sithe akekho umuntu ophilela ukuthi ahlale ehlukunyezwa.
“Babona ngoba ngizithulela ngihlonipha yingakho sebengeyisa. Abazi ukuthi ngiyakwazi ukuzikhulumela futhi ngiyeyisa umuntu uma engeyisa,” kusho iMbube.
“Laba abathi angithathelwe umhlaba abaphumele obala sibakhombise ukuthi uZulu ungubani. Ngifisa ukwazi ukuthi bafuna ukubonani ngesikhathi sabo,” kusho iMbube. ISilo sithe okwamanje sisatshele uZulu ukuthi akahlale phansi abambe umthetho. IMbube ithe amabutho ayo avivile ukuthi avikele umhlaba njengoba akwenza elwa nabacindezeli. Sithe singazibusela isizwe saso esifundazweni.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizwe Chiliza uthe abazama ukuthatha umhlaba weMbube bahlokoloza imamba emgodini.
Imizamo yokuthola uJaji Jerome Ngwenya weNgonyama Trust ayizange iphumelele izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Umyalezo athunyelelwe kushicilelwe engakawuphenduli.