KHETHA SANGWENI
ISILO samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu, sithi ukube kuya ngaso ngabe bayatalajwa banabiswe ngenduku abantu abahlukumeza baze babulale abesifazane nezingane ngoba bathela isizwe ngehlazo.
OkaBhushobukhali ubeke kanje ethula inkulumo yakhe yosuku ngesikhathi kugujwa uMkhosi woMhlanga esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma izolo emini. Umkhosi woMhlanga ububanjwe kusetshenziswa ezobubuchwepheshe besimanje okokuqala kulo nyaka, ngenhloso yokuhlonipha imigomo yokuvikela igciwane iCorona.
UMkhosi Womhlanga waqala ngo-1984 futhi ubuhlala uheha inqwaba yamatshitshi nokuyinto engenzekanga kulokhu. Ubusakazwa ezinkundleni zokuxhumana ekhasini likahulumeni wesifundazwe KwaZulu-Natal.
UNomthebe wesizwe ukhulume ngomkhuba wokubulawa kwabesifazane nezingane wathi yikho okuyiva elihlaba enhlizweni futhi kufanele kuqedwe ngokushesha.
" Kuhlupha ukuthi izwe selaphathwa ngemithetho evimba ukulungiswa kwabantu. Kudala umuntu KwaZulu wayeqondiswa ngenduku. Izinja lezi ezihlukumeza izingane zethu noma ziboshiwe ngakusasa sezicanasa ngaphandle azazi nanyaka. Uhulumeni akanciphise amalungelo abadlwenguli,’’ kuthetha iMbube.
INgonyama ibikhuluma kukhona amatshitshi abalelwa ku-30 akhethwe ezifundeni ezehlukene ukuze azomela lawo angakwazanga ukuza ngenxa yobhubhane iCorona. Amatshitshi abephakamise izingqwembe ezibhalwe imiyalezo elwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane. Amatshitshi abekhona abezovalelisa asengena esigabeni sokuyogana.
Ingonyama iphinde yenza isicelo sokuthi inikwe izinsukwana ezimbalwa iphathe ukuze iqondise izinto eziningi ezigwegwile bese ibuyisela izwe kuhumeni.
" Ngisacela namanje ukuthi ninginike nje ngithi ukuliphatha. Ingaphela yonke lento ngoba ngingayilungisa namabutho nekomiti lami. Ngeke phela sivume ukudlala amathimboxo lawa anukubeza izingane zethu. Aphi amadoda esizwe akhuze lo mhlolo,’’ kukhuluma iMbube.
UBhejane phuma esiqiwini uphinde wakhulekela nokuphela kwegciwane iCorona wathi limise lubhojozi isizwe sonkana. Akayishiyanga indaba yenkohlakalo yalabo okuthiwa batape imali yokulwa neCorona wathi banehlazo sebadlula ngokweba. Umcimbi ubuzimaziswe wuSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza noNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko esifundazweni uNksz Hlengiwe Mavimbela.