Izindaba

ISilo sibhoboka ngobunzima bokuba seSihlalweni ngesikhathi saso

Mhlengi Shangase|Published

IMBUBE yamukela umhlanga kwenye yezintombi emkhosini obuseMachobeni ngempelasonto Izithombe: KZNGOV

ISILO samaBandla uMisuZulu kaZwelithini, sithi size sisole ukuthi kukhona abalaya sona uma sibheka imbedumehlwana yobugebengu esifundazweni KwaZulu-Natal ezinsukwini zokubusa kwaso.

ISilo sisho kanje enkulumweni yaso eMkhosini woMhlanga esigodlweni eMachobeni ngempelasonto lapho sivule isifuba ngevuso laso ngezehlakalo zokubulawa kwabantu, ukudlwengulwa kwabesifazane nezingane kanjalo nokuqhuma kwesibhamu umlibe esifundazweni.

IMbube ithe okuyikhathaza kakhulu ngukuthi lesi sifundazwe yisona esihamba phambili ngalezi zinto.

Sikhuze lesi sihlava sathi sekwanele, akwenziwe okuthile ngoba yisona abayogcina sebesikhomba ngomunwe ukuthi isimo saphuma esandleni ngesikhathi siseSihlalweni.

“Angibulali ubuthongo. Eyokubulawa kwabantu, ukudlwengulwa kwabesifazane nezingane, kanjalo nokuqhuma kwesibhamu esifundazweni sakithi. Angazi noma ngalezi zehlakalo kuyalwa mina yini,” kusho iSilo.

IZINTOMBI ziphethe umhlanga eMachobeni

UMkhosi obuseMachobeni, eNgwavuma, wandulela omkhulu ozoba ngempelasonto KwaNongoma.

ISilo sithe sizohlanganisa amakhanda noNdunankulu waso uMfu Thulasizwe Buthelezi, noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli, ngezehlakalo zobugebengu.

ISILO samukela umhlanga ngempelasonto Izithombe: KZNGOV

“Kumele siyixoxe le ndaba ngoba iyangikhathaza. Umkhuzi wamaPhoyisa esifundazweni, ubaba uMkhwanazi (Lt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi), usebenza ngokuzikhandla elwa nobugebengu,” kusho iMbube.

UMPHATHISWA wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi neMbube emkhosini womhlanga obuseMachobeni, ngempelasonto

INgonyama ithe lesi sifundazwe kumele sidume ngezinto ezinhle.

“Kungani nje singadumi ngokuthi sihamba phambili ngezolimo? Noma ngabe siduma ngokuthi sihamba phambili kwezemfundo, hhayi ngobugebengu.”

Sithe okugujwa kakhulu kulo nyaka ngukuphela kweminyaka engu-40 ukhona lo mkhosi.

“Ngiyafisa ukuthi niqhubeke nibambisane nami njengoba benibambisene kahle noMdlokombane. Lo mkhosi namanje usekhona, okusho khona ukuthi izinhlanhla zilokhu zikhona,” kusho iMbube.

UNtuli uthe ezinsukwini ezimbalwa uzobe eqeda izinsuku eziyikhulu esihlalweni sobuNdunankulu.

Uthe bafike kuhulumeni imali ingekho, kanjalo lesi sifundazwe singaphansi kwesimo esibucayi.

IZINTOMBI ziphethe umhlanga

“Sifice izinga lobugebengu liphezulu okubalwa nokubulawa kwamakhosi nezingane. Anginamahloni Silo ukuthi uhulumeni wakho ubukhosi oyinhloko yabo buyingxenye yesixazululo. Ubugebengu sibufice budlangile ngaphakathi nangaphandle kukahulumeni. Sesiqalile ukubuphunga ngenhloso yokubuqeda.”

Uthe baqale umkhankaso wokukhuculula abokufika kuleli abakuleli ngokungekho emthethweni oqale eThekwini.

Uthe ngeke bayeke isifundazwe sibuswe yizigebengu.

Uncome izintombi ebezihambele uMhlanga athe izibalo zazo zikhula minyaka yonke.

ISILO MisuZulu kaZwelithini

“Njengohulumeni weSilo, siyazibophezela ekutheni yonke le minyaka ezayo lo mkhosi woMhlanga sizoweseka. Namuhla uneminyaka engama-40 sizowuphakamisa ufike kweminye iminyaka engu-40.”