BONISWA MOHALE
ISILO uMisuzulu kaZwelithini besiseKhenana ngoMgqibelo siyohlanganyela namalungu ebandla laseBuhleni njengoba eyokhuleka entabeni.
UMnuz Thokozani Mncwabe obhekele ezokuxhumana eBuhleni, uvumile ukuthi iSilo besikhona eKhenana.
“Wonke umuntu wamukelekile esontweni noma singakahlali esihlalweni sasivakasha ebandleni. Sinobudlelwano obuhle nebandla. Indlunkulu inomlando omuhle namaNazaretha kusukela kuBhombela,” kusho uMncwabe.
Uthe namanje basaseKhenana njengoba beqhubeka nemikhuleko.
Enkulumeni yeSilo Isolezwe eliyibone ku-You Tube, siye sabingelela amalungu ebandla sisho nokuthi kufanele azigqaje ngamasiko.
Sithe entabeni yaseKhenana kulapho abantu bekhuluma khona nabadala uma kuqala unyaka omusha.
“Ngibonga nomkhuleko wenu enawuletha KwaKhangela. Ngiyabonga nokuthi ubaba uthi konke kuzohamba kahle namacala akhona. Engingakusho wukuthi amanga ngeke amelane neqiniso. Sihamba neqiniso akukho okungamanga esihamba nakho,” kusho iSilo.
Siqhube sathi siyazi ukuthi banezibongo ezifanayo noNyazilwezulu njengoba bebaphika bebazi.
“Ngiyazi izibongo zethu noNyazi zicishe zifane basiphika besazi. Ngiyazi nokuthi njengoba nilapha nizokhulekela unyaka omusha oyimpumelelo. Nizokhulekela izibusiso. Nami ngiyanikhulekela ukuthi zonke izifiso zenu zemukeleke eZulwini. INkosi inibusise,” kusho iSilo.