Izindaba

Isililo kushona umethuli wezinhlelo uPearl Shongwe

Zimbili Vilakazi and Fanelesibonge Bengu|Published

UMFUNDI wezindaba kwiMetro FM uPearl Shongwe ushone ngokuzuma ngoLwesibili Isithombe: INSTAGRAM

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni isigubhukane kukaPearl Shongwe, obengumfundi wezindaba kuMetro FM nomethuli wezinhlelo zethelevishini.

Umphathi weMetro FM, uKina Nhlengethwa, uqinisekise ukushona kukaPearl (35) ngoLwesibili ebusuku.

Umethuli wohlelo lwezemidlalo u-Andile Ncube ekhuluma nowethula olwezingxoxo u-Ayabonga Cawe, uthe abalaleli bazozwa ukuthi umoya wabo uphansi.

Ufake emoyeni uKina, othe yinto ebashaqisile abebengayilindele.

“Sithole manje ntambama ngayo yonke into. Baqinisekisile (umndeni) ukuthi akasekho. Kusasa sizovakashela umndeni,” kusho uKina.

“Kunzima bafowethu. Ngithi dudu emndenini, dudu ethimbeni leMetro FM nakuyo yonke iSABC. Kulesi sikhathi sengathi singaqina, futhi uNkulunkulu unathi.”

Ekhasini likaTwitter lesiteshi sezindaba iSAfm bathe kukholakala ukuthi ushonele emzini wakhe osePolofields enhla neGoli, ngoLwesibili ntambama.

Kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe singenawo amanxeba, sisembhedeni emzini wakhe.

Umufi ushona nje ubekade ewumfundi wezindaba ohlelweni iTouchdown withTbo Touch ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto kwiMetro FM.

Abantu abaningi banikele ezinkundleni zokuxhumana badlulisa amazwi enduduzo bazwakalisa nokushaqeka ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Abantu bancome ithalente nobuciko abenabo uma ethula izinhlelo noma efunda izindaba.