KUSHIYE isililo emnyangweni wezempilo esifundazweni ukushona kwezimenenja ezimbili ebezisebenza ezibhedlela zaKwaZulu-Natal, ngoMsombuluko.
UNKK Thandazile Octavia Manzini (55), ungoti wokubelethisa obebuye abe yi-Operations Manager ophikweni lokubelethisa esibhedlela eManguzi, ushone ngesikhathi imoto abehamba ngayo ishayisana neloli kuR33, ngasesiqiwini iSmangaliso, kwathi uMnuz Phathakahle Jali (41) obeyi-Operations Manager ebhekelele imitholampilo engomahamba nendlwana esibhedlela uNtunjambili, ngaseKranskop, wadutshulwa wabulawa, ngamadoda angaziwa esemzini wakhe, ngoMsombuluko.
UNkk Manzini kuthiwa ubephuma koqeqesha abanye abahlengikazi emtholampilo KwaMsane ngesikhathi kwenzeka le ngozi. UJali kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amabili angaziwa esemzini wakhe ntambama, avulele ngenhlamvu ebhekise kuye, washonela khona lapho.
UDkt Siphiwe Vumase isikhulu esiphezulu esibhedlela iManguzi, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukaNkk Manzini obesesebenze iminyaka ewu-30 kulesi sibhedlela.
“Ubefundisa abanye abahlengikazi lapha eMkhanyakude. Ubesebenza kahle kakhulu ophikweni lokunciphisa ukudlulela kwegciwane lengculazi enganeni ezalwa umama onegciwane onalo, iPrevention of Mother to Child Transmission of HIV. Ngenxa yokuzimisela kwakhe sekuphele iminyaka emithathu singakaze sibe nenkinga yokushona kwengane ngesikhathi unina eyibeletha noma ngemuva kokubeletha.”
UMNUZ Phathakahle Jali obeyi-Operations Manager ophikweni lwemitholampilo engomahamba nendlwana, esibhedlela uNtunjabili, odutshulwe wabulawa esemzini wakhe, ngoMsombuluko Isithombe: Sithunyelwe
UPastor Klaas Manzini umfowabo kaNkk Manzini uthe bashaqeke kakhulu ngokudlula emhlabeni kukankosikazi kamfowabo.
“Namanje kusenzima ukwamukela kodwa kumele samukele ngoba sizifikele mathupha endaweni yesigameko, sibone siqhamuka ukuthi mancane amathuba okuthi usaphila, bekuyinhlekelele yengozi leya,” kuchaza yena.
Uthe unkosikazi kamfowabo ubewuthanda umsebenzi bekuthi noma besenkonzweni abashayele ucingo esibhedlela abuze ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini.
UJali okuthiwa ubenamakhosikazi amabili, kuthiwa uqale ukusebenza kulo mnyango ngo-2001. Efika kulesi sibhedlela kuthiwa wayengu-staff nurse, waba ngu-professional nurse, waba yi-clinical nurse practitioner wagcina esekulesi sikhundla ashone ekuso. Ushiye amakhosikazi akhe nezingane eziyisikhombisa.
UNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe kubuhlungu ukushiywa yilaba basebenzi bezempilo abashone kabuhlungu. “Kubuhlungu ukushiywa ngozakwethu ngale ndlela. Kusazoba nzima ukuthola abantu abebezinikele njengabo emsebenzini,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko sokudutshulwa kukaJali, wathi kuvulwe icala lokubulala, eliphenywa esiteshini samaphoyisa eKranskop.