ISILILO siqhuma nxazonke ngokudlula emhlabeni komsakazi weSAfm uRowena Baird ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza isikhathi eside.
Lo msakazi obenza uhlelo lwasekuseni iMorning Talk futhi owaduma kakhulu kwiMetro FM, ushone ngoLwesihlanu ekuseni.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngudadewabo uMichelle Baird. URowena uqale ukusakaza phakathi kweminyaka yo-1980.
Engxoxweni ayenza ohlelweni lwethelevishini iMorning Live ngonyaka ofile, uRowena waphumela obala ngokuphathwa wumdlavuza wethumbu elikhulu leli eligaya ukudla nomthelela lesi sifo esibe nawo kubantu asondelene nabo.
Kwabadlulise amazwi enduduzo kubalwa uzakwabo uSakina Kamwendo nabanye. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakaveli izinhlelo zezinkonzo zesikhumbuzo, nezokumfihla.