BELIKHIHLA isililo ngesikhathi livela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini iphoyisa elisolwa ngokudubula libulale indodana yalo ngeSonto.
Kuvele ukuthi umsolwa, uMnuz Hloniphani Luthuli, udubule wabulala indodana yakhe, uKwenama Luthuli (12), eManor Gardens, eThekwini, ezitshela ukuthi yisigebengu.
Umufi uphuthunyiswe esibhedlela, wafike washonela khona.
Ummeli kamsolwa, uMnuz Andile Dakela, ucele ukuthi icala lihlehliselwe uLwesihlanu lapho umsolwa ezofaka khona isicelo sebheyili.
UDakela uveze ukuthi umsolwa ubengubaba onothando emndenini wakhe, nomufi kuwumntwana ongahluphi ngakho ubengenaso isizathu sokuthi angavele amdubule ngenhloso.
Echaza ngendlela okwenzeke ngayo isigameko, uDakela uthe umndeni kamsolwa, okukhona kuwo nonkosikazi wakhe, babona abalisa ababili abangaqondakali ngasesangweni.
“Engimmele, unkosikazi wakhe, ngisho nonogada bendawo imbala, bonke babezitshela ukuthi sekuphinde kwahlasela izigebengu njengoba bezike zagasela esikhathini esifishane esiphambili,” kusho uDakela.
Uthe ngesikhathi kwenzeka konke lokhu, umsolwa waphuma waya ngaphandle eyobheka ukuthi umenyezelwani.
Uthe yingaleso sikhathi lapho ethe uma ephumela ngaphandle wabona abalisa ababili maqede wabuyela endlini ukuyolanda isibhamu.
“Uthe uma ebuya naso, wamemeza, eyalela abalisa ukuthi balale phansi. Yilapho abona khona esinye isithunzi sithi pheshe eduze nendlu yakhe, wase eyadubula,” kusho uDakela.
UDakela uphinde wagcizelela ukuthi enye into efakazela ukuthi umndeni wonke wawuzitshela ukuthi yizigebengu ezase zingene ngaphakathi kule ndawo, ukuthi unkosikazi kamsolwa waze wamyalela ukuthi akaphinde aciphize ne-alamu ukuze bezothola nosizo lonogada benkampani ye-alamu.
Ugcizelele ukuthi umsolwa uyidubule ngephutha indodana yakhe, ezitshela ukuthi ingenye yezigebengu, wathi lokhu kufakazelwa nayindlela akhale ngayo ngesikhathi emi phambi kwemantshi.
Wenze isicelo sokuthi uma esephinda evela umsolwa ngoLwesihlanu, inkantolo imzwele, imnike ibheyili ukuze akwazi ukuyongcwaba indodana yakhe abeyithanda ngenhliziyo yakhe yonke njengoba umndeni uhlela ukuthi kungcwatshwe ngempelasonto.
UMshushisi, uMnuz Calvin Govender, uthe kubalulekile ukuveza ukuthi umbuso wona ufisa ukuthi icala elibhekene nomsolwa liqhubeke libe ngelokubulala.
Uveze ukuthi kuzophinde kulindwe nomphumela wokuhlolwa kwesidumbu, okulindeleke ukuthi ube usulungile ngalo uLwesihlanu.
IMantshi, uMnuz Ashwin Singh, ithe icala lihlehliselwa uLwesihlanu ukuthi umsolwa afake isicelo sakhe sebheyili. Uthe uzogcinwa esitokisini samaphoyisa iDurban Central.