UMNUZ Xolani Dube weXubera Institute for Research and Development ,ohola uhlelo lokukhumbula abashona ePhoenix Isithombe : FACEBOOK/XUBERA INSTITUTE FOR RESEARCH AND DEVELOPMENT
UZOBANJWA ngeholidi likaDisemba 16, umcimbi wokukhumbula inqwaba yabantu abashona ePhoenix eThekwini, ngesikhathi kunezibhelu ngoJulayi nonyaka, nezashiya kukhalwa ezweni.
Inhlangano engenzi inzuzo nebhekelele ezocwaningo emphakathini, iXubera Institute for Research and Development, ehlela umcimbi ibinesithangami nabezindaba lapho yethule khona izinhlelo zayo eMhlanga, eThekwini.
Kusolwa ukuthi izibhelu zasuswa wukuboshwa kowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, owayelahlwe yicala lokwedelela inkantolo.
UMnuz Xolani Dube weXubera, uthe inhloso yokukhumbula abashona wukuthi kungathalaliswa ngabo bahlale besezinhlizweni zabantu.
“Into engiphatha kabi wukuthi uma abamnyama bekhala bezwakalisa ukungenami kwabo bayazitshwa, kube sengathi akufanele baveze imibono yabo. Kwafa inqwaba yabantu futhi kufanele singakukhohlwa lokho kungene emlandweni,’’ kusho uDube.
Uthe baningi abake bazama ukuvimba isikhumbuzo besonga ngokumyisa enkantolo kodwa behluleka. Uthe noma kunzima kanjani kodwa umcimbi wona uzoqhubeka ngoba kubalulekile ukuthi umlando wabantu ababulawa ubhalwe ngendlela efanele. Uthe umcimbi uzobanjelwa eK Cap KwaMashu, kuzoba nezikhulumi ezehlukene.
Izigameko ezenzeka ePhoenix, zibe sematheni ngesikhathi sezibhelu ngemva kokubulawa kwabantu abaningi okusolwa wukuthi kwaba khona ukungqubuzana ngokobuhlanga. Kunebantu ababoshiwe abahamba amacala ngezinsolo zokubulala abanye okuthiwa babeshawa bedutshulwa. Kuthiwa babethukwa ngamagama acwasayo bebuzwa ukuthi bafunani ePhoenix.
Kwenzeka konke lokhu nje, kunophenyo olwenziwa yiKhomishini yamaLungelo aBantu ehleli eMhlanga, ezama ukuthola umsuka nomthelela wezibhelu. Phakathi kwabavele phambi kwekhomishini, kuhlanganisa abagilwa, izikhulu zamaphoyisa nezikahulumeni.