ISIKHULU soMnyago wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu ebesijutshwe kuMasipala waseMzinyathi sithuse abaningi siquleka kade sisathula inkulumo maqede sashona.
UMnuz Mandla Nkosi, kuthiwa ushone ngoLwesihlanu kusaphele imizuzu ewu-10 ekade ethula inkulumo yokubongela ubabekazi womngani wakhe obegubha iminyaka ewu-80 eVryheid.
UMnuz Nathi Mkhize, weqembu abaNqobi, uthe bebengaboni lutho kuNkosi kodwa bathe besalalele amancoko akhe wavele waquleka.
“ Ubengakaze asitshele ukuthi kukhona okumphethe kabi, simangalile esequleka.”
Umufi kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela emuva kokuquleka kwatholakala ukuthi kade eshonile.
UNkosi ubenengcindezi yosonkontileka ebebekhononda ngokuthi sekuphele isikhathi eside bengakhokhelwa.
Abanye bese bevala amanzi eNquthu naseMsinga.
Ngenyanga edlule uNkosi wathi usenze uhlelo nabo bonke abangakhokheliwe.
UNkosi ubesephenywa wuMnyango kaNgoqngqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, ngenkohlakalo.
UMnuz Lennox Mabaso uthe balahlekelwe ngoNkosi ngoba ubengomunye wezinjini ebezilekelela umnyango ekulwemi nenkohlakalo kumasipala.
“Silimele ngoNkosi ngoba ubeyithemba kungqongqoshe ngenxa yobuchule bakhe komasipala abengudokotela wabo ekulapheni izinkinga zabo. Lokhu kophenyo kumele niqonde ukuthi ubengakatholwa enecala.”
Abangani bakhe bakhale kakhulu ngokudlula kwakhe.
IMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso, ithe ilahlekelwe wumngani obeqotho ngenxa yemisebenzi yakhe emihle.
UMholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ubuze ukuthi ngabe akuwona yini umuthi ngoba uNkosi ubengakaze amuzwe ekhala ngokugula.
UMncwango ukusho lokhu kade ekhuluma neSolezwe.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.