ISIKHULU esiphezulu kuMkhandlu weTheku, uMnuz Sibusiso Vilane, sesenze isiphakamiso kumasipala sathi sizowavuma amacala okungaziphathi kahle nobudedengu odabeni lwethenda yamathoyilethi kaR36 million.
UVilane uthe uyazisola ngesenzo sakhe, wengeza ngokuthi usazimisele ngokuqhubeka nomsebenzi wakhe wokuhambisa izidingo kubantu.
Kwisiphakamiso sakhe, uVilane oyiPhini leNhloko oPhikweni lokuThuthwa kweNdle kuMasipala, uthe yayingekho inhloso yokukhwabanisa imali yomkhandlu, wengeza ngokuthi uhlelo lwamathoyilethi lwaba yimpumelelo.
Uthe uma umkhandlu usamukela isiphakamiso sakhe sokuvuma icala, uzovuma ukuthi amiswe izinsuku ezingu 10, angaziholeli noma anganyuselwa umholo unyaka wonke.
UVilane igama lakhe liyavela embikweni okhishwe wuphiko oluphenya ngenkohlakalo nokukhwabanisa emkhandlwini obeluphenya ngethenda yokwakhiwa kwamathoyilethi abenzelwa emiphakathi, akhiwa nasezikoleni ezindaweni okubalwa kuzo KwaXimba naKwaNyuswa.
Iphephandaba i-The Mercury, elisesitebeleni esisodwa neSolezwe labika kabanzi ngalolu daba emuva kokuphutshuka kombiko.
Umbiko wawuveza ukuthi ayengekho amathoyilethi ayesakhiwe ngesikhathi okwakumele ukuthi ayesekhona ngaso kodwa umkhandlu wakhokha.
Izinkampani ezithintekayo iMagubane Plant and Contractors, Uhlanga Trading Enterprise, Soundrite Sound ne-Temblos SA. Uphenyo lwaqala ukwenziwa emuva kokuthi kwabakhona umuntu owafona wabika ngalolu daba.
UVilane ubehlale eziphika lezi zinsolo, ephika nokuthi osonkontileka banyusa imali yomsebenzi.
Okhulumela uMkhandlu weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba luphakathi komqashi nomqashwa.
UVilane uthe uzovuma ukuthi waba budedengu, wathi abakhokhelwe osonkontileka engazange aqinisekise ukuthi umsebenzi wenziwe ngempela yini.