AWUPHELE umqondo wokuthi amaSouth African Music Awards (Sama) enzelwa abaculi baseGoli nabaseThekwini kuphela ngoba angawabo bonke abantu abakwezomculo, usho kanje uThobela Dlamini (osesithombeni) oyinhloko yezokusebenza kumaSama.
UThobela utshele Isolezwe ukuthi sebeqalile ukwamukela imingenelo yeminxa ehlukene yamaSama angonyaka ozayo njengoba bevule ngoNovemba 1, bezoze bavale ukuyamukela ngoJanuwari 1.
“Kunenkoleloze yokuthi amaSama yinto yabaculi baseGoli nabaseThekwini kodwa siyayiqeda ngoba sihambela kuzo zonke izindawo sicela abaculi ukuthi bangenele. AmaSama yinto yawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Kulo nyaka sifuna imingenelo engaphezu kuka-1 000 ngoba ngonyaka odlule sithole engaphezu kuka-500,” kusho uThobela.
Uthe bahambela izindawo ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi abantu bayazi ngamaSama futhi abaculi bayangenela.
Uveze ukuthi kunomkhakha abawuthule ngonyaka odlule obizwa ngeBest Africa Act owenza abaculi bakuleli bancintisane nabakwamanye amazwe.
Uthe lokhu kuvulela abaculi bakuleli amathuba okuncintisana noDavido namanye amaciko ase-Afrika.
“Abaculi baseNingizimu Afrika kufanele nabo badayise umculo koNigeria nakwamanye amazwe. Lo munxa awubacindezeli kunalokho ubavulela amathuba okuzikhangisa,” kusho uThobela.
Ugqugquzele abantu ukuthi bavote uma sekuvulwe ithuba ukuze kuwine abaculi ababathandayo.
“AmaSama awumncintiswano ofana neminye ngakho kukhona onqobayo nokhala ngaphansi. Lokhu akusho ukuthi kunokukhwabanisa.”