ISIKHULU esiphezulu seSouth African Airways (SAA), uMnuz Vuyani Jarana, sithi inkulumo kaNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, iholele ekutheni abantu bahoxise amathikithi akade bewathengile ngoba bengazi ukuthi inkampani isazoqhubeka nokusebenza noma cha.
UMboweni uthe njengoba iSAA ingayenzi imali kufanele uhulumeni ayidayise.
UJarana uthe kumanje umatasa nokuqinisa abantu idolo ukuthi iSAA iyaqhubeka nokusebenza ngoba uyasilungisa isimo senkampani.
“Sesilethe uzinzo eSAA ngoba nemizila yangaphakathi isiyayenza inzuzo. Imizila esasinikeza inkinga ngeyamazwe angaphandle. Sesilungisile isimo eLondon. E-Afrika umzila osasinika inkinga owase-Uganda, i-Entebbe. Sinenkinga futhi ngeHong Kong ngoba sincintisana no-Emirates nezinye izinkampani,” kusho Jarana.
Uthe iSAA inesikweletu sikaR9.2 billion kodwa uyazama ukulungisa isimo.
Mayelana nokuthi uhulumeni kufanele adayise iSAA uJarana uthe leso yisinqumo sikahulumeni bona benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi yenza inzuzo.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kahulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ugqugquzele abasebenzi beSAA ukuthi balwe nenkohlakalo ukuze iSAA ingawi.
Uthe uke wakhuluma neDanish Airlines ebifuna ukusebenzisana neSAA ukuze ingenise kwamanye amazwe.
Ugcizelele ukuthi ngeke uhulumeni akwazi ukutakula iSAA minyaka yonke ngakho kufanele yenze inzuzo ngoba nabakhokhi bentela bakhathele yiyona.
“Kuyishwa ukuthi iSAA yayiphethe imakethe yase-Afrika eminyakeni edlule kodwa leso sicoco sesiphethwe yinkampani yamabhanoyi yase-Ethiopia. Ngiyacela abaphathi benkampani nani basebenzi nishintshe isimo ngoba uma zingashintshi izinto nizosala nezihlalo ezingenamuntu emabhanoyini,” kusho uGordhan.
UDkt Azar Jammine, isazi somnotho kwa-Econometrix ,uthe uhulumeni kufanele adayise ingxenye ethile yeSAA ukuze ayeke ukukhokha imali yokuyitakula inkampani egcine ukwenza inzuzo ngo-2011. “Angazi ukuthi kungani uhulumeni engadayisi ingxenye ethile yeSAA ngoba uma kunenkampani ezimele isimo sizoshintsha yenze inzuzo. Asikwazi ukuba nenkampani kazwelonke ewumthwalo kubakhokhi bentela.”