IMEYA kuMasipala waKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ihambele eminye yemindeni yabangu-16 abashone engozini kungqubuzana itekisi neloli emgwaqweni uR34 phakathi kweMelmoth noLundi ngoLwesithathu Isithombe: SITHUNYELWE
UBEYOTHENGA izimpahla zokudayisa eThekwini, owesifazane osemncane ongomunye wabashone esibhicongweni sengozi edlule nabangu-16 emgwaqweni uR34 ophakathi kweMelmoth noLundi ngoLwesithathu ekuseni.
UNksz Nondumiso Dumakude (20) waKwaNongoma, esigodini saKwaBhayela, uvuke izintatha eyolanda i-oda lezinto zokugqoka ephuthuma ukubuya ngosuku kodwa kwagcina kungasenzekanga emva kokuthi ebe ngomunye wabashone kulesi siphihli sengozi.
Udadewabo omdala kamufi, uNksz Khethiwe Mhlongo, uthe udadewabo ubedayisa eqongelela imali yokuyofunda ngonyaka ozayo.
“Uqede isikole ngonyaka odlule, waqala wadayisa ngezinto zokugqoka abezithenga eThekwini abuye azozidayisa emakhaya, ebekelela imali yokuthi akwazi ukufunda ngonyaka ozayo. Inhloso yakhe bekukwenza izifundo zobuhlengikazi.”
Uthe bese zikhona izikhungo ebese zimthathile kanti bese kunethemba emndenini lokuthi uzokwazi ukufeza iphupho lakhe abese elisebenzele unyaka wonke eqongelela.
Le ngozi igadle kwezwela emphakathini waKwaNongoma njengoba iningi labashonile kungabantu bendawo.
UNksz Nontuthuko Duma (25) wasoPhaphasi khona KwaNongoma naye osale kulesi sibhicongo kuthiwa ubeyolanda isitifiketi sakhe eDamelin.
Umfowabo kamufi, uMnuz Mbekezeli Dumisa, uthe udadewabo ubesehlale unyaka efuna umsebenzi awufundela.
“Kwehla le nhlekelele nje bese kuntwela ezansi njengoba bese kukhona lapho abesethenjiswe khona.
“Uvuke ekuseni kakhulu ngoba ubewumuntu ozobuya, eyolanda nje isitifiketi sakhe ngoba kukhona lapho abenethemba khona,” kuchaza uDumisa obehluleka nokukhuluma.
Uthe umufi ushiye ingane yakhe eneminyaka emibili kuphela.
UMnuz Themba Ndwandwe (57) okuthiwa ubenguthisha osathatha umhlalaphansi, owayefundisa KwaMaduna Primary, naye ube ngomunye wabashone kule ngozi.
IMeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ithe ngesikhathi behambela lo mndeni izolo, batshelwe ukuthi umufi ubephuthuma ukuyolungisa okuthile emahhovisi akwaSouth African Revenue Services eThekwini, ewumuntu ozobuya.
UMncwango obehambela imindeni ehlukene eyehlelwe yileli lifu, kulo masipala, uthe ubuhlungu obuzwakaliswa yimindeni ngobokufakwa kwezithombe zabathandiweyo bayo bedindilizile ezinkundleni zokuxhumana, akuchaze njengesenzo esiwubulwane.
“Kubuhlungu okwenziwa ngabantu. Ngesikhathi ngiphikelele endaweni yesigameko ngafonelwa yizingane zakomunye umuzi okushone kuwo umama wekhaya, zikhala zithi zibona owesifazane odindilizile egqoke ingubo efana nebigqokwe unina ngesikhathi ehamba.
“Siyanxusa umphakathi ukuthi usebenzise izinkundla zokuxhumana ngendlela okuyiyo,” kusho uMncwango.
Uthe ngesikhathi behlangene noNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Bheki Ntuli, ngemva kwale ngozi, kubunjwe ikomiti elizolekelela imindeni njengoba namuhla behlele ezokuthutha ezithatha yonke imindeni elinyalelwe ukuyokhomba amalungu ayo.