SEKUVELE ukuthi zibalelwa ku-500 izingane ebezikhulelwe ngo-2018 nezingakwazanga ukubhala * -matric esiFundeni saseMzinyathi KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe yiMeya yesiFunda uMzinyathi, uMfundisi Petros Ngubane emcimbini wabafundi bezikole zaseNquthu, eMsinga, eMvoti nezaseDundee ngoLwesihlanu.
Uthe okunye okwenzekayo ukuthi izingane zamantombazane “zidayiswa” ngabazali bazo kwabesilisa asebekhulile ngemali ebizwa ngokuthi iThula Mama.
Uthe usehlangabezane kaningi nezingane ezenza kahle ezifundweni kodwa ekugcineni zingaqedi ngoba ziyoganiswa ngale mali ayichaze ngokuthi ayibalwa ngisho elobolweni.
UNgubane uveze nokuthi izingane ezithinteka kakhulu yilezo ezingenabo obaba kodwa esezisele nomama.
Uthe sebeqale imikhankaso abayenza namakhosi noMnyango wezeMpilo ukuze banqande lesi sihlava.
“Sikhathazekile yilesi simo ngoba amantombazane ayaphoqwa ukuyeka isikole ayoqoma ngamaduku noma uhlangane nengane okufanele engabe iyafunda kodwa uthole ukuthi isiganile noma isikhulelwe. Inkinga esinayo kulesi sifunda sethu ngomama abadayisa izingane zabo kwabesilisa abangama-blesser abazithenga kubo ngemali ebizwa ngeThula Mama ebalelwa koR20 000 esuke ingahlangene nelobolo. Omama bamukela le mali bese bethula ekubeni ikusasa lazo licekelwa phansi. Okubi azishadi kodwa zigcina ngokuhamba bese uma isoka lishona ziphoqwe ukuthi zingenwe wumfowabo wesoka osuke esaphila. Ubufakazi bokuphazamiseka kwamantombazane bubonakala nakulo mcimbi. Niyabona ukuthi abafana yibona abaningi kubafundi abaphase ngamalengiso,” kusho uNgubane .
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe banezinhlelo abazenza ngaphansi komkhankaso iSukuma Sakhe ukusiza eMzinyathi ngokuthumela ongoti abahambela izikole nemindeni ethintekayo ukuze bathole indlela okungasizwa ngayo izingane.
Omunye wabazali uNkk Thuleleni Mbhele uthe lesi simo sibaphethe kabi futhi bafisa siqedwe ngoba abanye abazali bamukela le mali kothisha abakhulelisa izingane zabo ukuze bafihle.
Inkosi yesizwe sakwaMolefe eNquthu, uMnuz Koarapetse Bokang Molefe, isigxekile lesi senzo yaxwayisa abafundi ukuthi kumele uma sebeya ezikhungweni zemfundo ephakeme bazi ukuthi basukaphi.
“Uma ungakhohliwe izimfundiso neziyalo okhuliswe ngazo ekhaya kini nasezikhungweni zemfundo ephakeme ngeke ulingeke kalula. Kubalulekile ukugwema izilingo ezenzeka ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngakho angithandi ukuthi ngithi kumele ningakwenzi lokhu noma niyeke okuthile uma senifika kulezi zikhungo ngoba yikho kanye lokhu okwenza umuntu angene ezilingweni ngoba ethi ufuna ukuzwa le nto okuthiwa akangayenzi,” kusho inkosi uMolefe ethe ayifuni nakuyizwa indaba yeThula Mama.