AFUNA kuvalwe ithaveni yendawo, iFreedom Space, amanye amalungu omphakathi aseMlaza kwaJ akhala ngokuthi isiphenduke kwajombigazi emuva kokubulawa kowesilisa ngoMgqibelo, kungaqali.
Isolezwe lithole ukuthi kuphele ubumnandi emuva kokudutshulwa kowesilisa kule thaveni ezintatha ngoMgqibelo.
Lesi senzo kuthiwa silandela esinye lapho kwadutshulwa khona omunye wesilisa ngenyanga edlule. Naye washona.
UMnuz Nathi Ntombela (34) kuthiwa ubehleli nabangani bezijabulisa ngesikhathi ehlaselwa indoda emdubule ngaphakathi ethaveni.
Umbulali kuthiwa ubalekile. Amaphoyisa asamthungatha.
Ngokusho kwamaphoyisa ayaziwa imbangela yokuhlaselwa kukamufi njengoba kuvele ukuthi kade esazijabulele nje, kwabe sekuzwakala kuqhuma isibhamu.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa ngenxa yokusaba, uthe umufi kade ebanga intombi nosolwa ngokubulala.
“Intombazane sengathi ibifike nombulali, umbulali esephelelwe yimali yokuphuza, intombazane ibisifuna ukuhamba nomufi.
Iqale lapho ingxabano, wabe esemdubula umufi. Kuvele kwaphela ubumnandi sekwenzeke lesi sigameko,” kusho umthombo.
Umngani kamufi obekhona kwenzeka lesi sehlo uMnuz Mbuso Chonco, utshele Isolezwe ukuthi ubesathenga okuthize ngesikhathi ebona esedutshulwa umngani wakhe.
“Umbulali waqala wamshaya ngempama, ngabona esemdubula. Ngibe sengibaleka ngoba nami bebengidubula. Baqhubekile bajaha omunye umngani wethu naye befuna ukumdubula.
Angazi ukuthi kungani bedubule umngani wami. Besingazi ukuthi akusaphephile kuleya ndawo. Besiye siyozijabulisa nje,” kusho uChonco.
Isolezwe ngesikhathi lihambela le ndawo yobumnandi izolo, bekukhala ibhungezi. Izihlalo namabhodlela otshwala bekubonakala kugingqike phansi.
Omakhelwane abacele ukungadalulwa, baveze ukuthi sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuhlaselwa kwabantu kule thaveni.
“Abekho abantu abagadayo ngakho abantu bayazenzela nje. Abafuna ukubamba inkunzi beza lapha. Asebephuze kakhulu bayabanjwa uma sebehamba, bagwazwe.
Ngenyanga edlule kudutshulwe omunye umuntu esuka kuyo le thaveni. Akuphephile, kungcono ivalwe,” kusho umakhelwane.
Omunye womakhelwane unxuse ukuba ivalwe le ndawo ngoba isiyikhaya lezigebengu.
“Akuphephile nhlobo ngoba kuvulwa kuze kuse,” kusho umakhelwane.
Kuvele nokuthi kugcwala izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18, kudayiselwe nabantu abasebancane ngokweminyaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol. Thembeka Mbele uthe bavule icala lokubulala, bathungatha umsolwa.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba eMlaza liveze ukuthi cishe zonke izimpelasonto bayabizwa kule thaveni sekunezinxushunxushu zokulwa nokuhlaselwa kwabantu.
Imizamo yokuthola umnikazi wethaveni ayiphumelelana. Kuthintwe udadewabo, ovele walandula wathi yize kunethaveni kubo kodwa ngekamfowabo abangazwani naye ngakho ngeke akwazi ukusiza Isolezwe lixhumane naye. Eminye imizamo yokumthola ayiphumelelanga.
UMnuz Siva Naidoo okhulumela ababhekele ukunikezwa kwamalayisensi okudayisa utshwala eKZN, uthe ngokohlu lwamathaveni abhalisiwe ngaphansi kwabo ayikho iFreedom Space okwenza bafike esiphethweni sokuthi ayikho emthethweni le thaveni.
Kuthintwa uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo eKZN, okhulumela uMnuz Sihle Zikalala, uMnuz Bongani Tembe usigxekile lesi sigameko wathi amathaveni kumele abe nezitifiketi ukuze ezosebenza ngendlela esemthethweni.