USHAQEKILE umndeni wakwaNdlela eSobantu, eMgungundlovu, emva kokubulawa kwamalungu awo ngesihluku ngoMsombuluko.
UNkk Zanele Ndlela (65), indodakazi yake uNksz Smangele Ndlela (46), nomzukulu uZenande Ndlela (7) batholwe ngamalungu omndeni ebusuku, bebulewe.Kuthiwa uNkk Ndlela ubegcwele igazi ebusweni, indodakazi nomzukulu beklinyiwe.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uMnuz Xolani Ndlela, umsolwa ngowesilisa wasendaweni obevakashe nabanye ababili bendawo ngeSonto.
UNdlela uthe owesilisa usalile kwababili ngesikhathi bona sebegoduka, wathi useyanqena ukuya kubo.
“Sisola ukuthi uSmangele umbulale ezintatha zangoMsombuluko, ugogo (uNkk Ndlela) noZenande babulawa sekuvukiwe,” kusho uNdlela.
Uthe lokhu ukushiso wukuthi ngezikhathi zasekuseni, ugogo ubonakele eya endlini encane engaphandle kanti uZenande yena uke waphuma wayohlala kancane noninalume bakhe abahlala ezindlini ezingaphandle.
Elinye ilungu lomndeni elingahlali kulo muzi, elifike endaweni yesigameko ngezikhathi zasekuseni, uNkk Thoko Ngubane, lithe lifike umnyango uvuliwe, langena laqonda ekamelweni lokuqala.
“Ngifike ngamemeza uSmangele, obelele ebheke phezulu embhedeni, wangasabela, ngazitshela ukuthi ulele. Ngidlulele ekamelweni likagogo, naye ngimumemeza, ngibe ngiphusha nomnyango kodwa kwacaca ukuthi kukhona umuntu owuphushayo,” kusho uNkk Ngubane.
Uthe ubezitshela ukuthi wuXolani, wathi “weXolani wuwe lo ophusha umnyango, ungafuni ngingene.”
Uthe umuntu uphendule, wathi yebo.
“Ngibe nakho ukusola ukuthi kodwa akulona izwi likaXolani lelo kodwa ngaziba ngaphuma ngahamba,” kusho uNkk Ngubane.
Uthe ubesami nomakhelwane bexoxa, ngesikhathi kuqhamuka umsolwa ecela ukuthi umakhelwane amvulele esangweni lakhe aphume.“Ubuzile ukuthi uvelaphi, wachaza into engezwakali kodwa wamvulela.
“Kube sekusho ingane yakwamakhelwane embonile ukuthi, uqeda kujomba uthango esuka ekhaya (kwaNdlela),” kusho uNkk Ngubane.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza usichaze njengesinonya isigameko. Udlulise amazwi enduduzo emndenini.
“Sishaqekile. Izenzo ezifana nalezi zikhombisa ukuthi emiphakathini yethu sinabantu abangenabo ubuntu,” kusho uNkk Khoza, ongeze ngokuthi imiphakathi kufanele isukume ilwe nezehlakalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe owesilisa ngecala lokubulala abathathu nelokudlwengula ababili eMgungundlovu. Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu maduze.