GCWALISILE KHANYILE
UKHUNGATHEKILE umndeni wentombazane okusolakala ukuthi iqale yadlwengulwa yase ibulawa ngokuklinywa esehlakalweni okuboshwe kusona owayeyisoka likanina.
USbahle Luyanda Ndlela (14), obefunda uGrade 9 eSbuko High, ubulawe ngeSonto ekuseni kubo eHammarsdale, eThekwini.
Kusolwa ukuthi lesi sigameko senzeke phambi kwezingane zakwabo kaSbahle, eneminyaka emihlanu, eyisishiyagalombili nena-11. Njengamanje kuthiwa zithola ukwelulekwa ngokwengqondo.
Unina kamufi, uNksz Smangele Ndlovu (31), oxoxe nephephandaba, iDaily News, elinguzakwabo weSolezwe, uthe sekuphele iminyaka emithathu ahlukana nomsolwa onomlando wokuhlukumeza.
“Ngiphukile emoyeni futhi ngizwa ubuhlungu. Mina nezingane zami sikhungathekile. Ngifuna kwenzeke ubulungiswa ngendodakazi yami,” kusho uNksz Ndlovu.
Ulandise wathi uphume waya kwamakhelwane nabangani bakhe. Usola ukuthi umsolwa, anengane yomfana eneminyaka emihlanu naye, ungene ngewindi kwaNdlovu, wagila le migilingwane.
“Ngiyazi ukuthi ubekade efuna mina. Nginencwadi yenkantolo evimbela ukuthi asondele kimina engayithola ngo-2018. Ngamvulela amacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza emaphoyiseni. Nginezibazi ebusweni nasemzimbeni ngenxa yakhe,” kulandisa uNksz Ndlovu.
Uqhube wathi ngo-2017 umsolwa wangqongqisa umuzi wabo.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika ezombopha, wavuma ukuthi nguyena owuthungele ngomlilo. Kwadingeka ukuthi ngishintshe izindawo zokuhlala ngenxa yokuhlukunyezwa,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe wakhetha ukubuyela kule ndawo, kwafika nomfowabo wazohlala nabo, umsolwa wayeka ukumhlukumeza.
Uthe kwathi uma eshintsha indawo yokuhlala umfowabo ngoMashi nonyaka, waqala phansi umsolwa wamhlukumeza kangangoba waze waphahlaza wonke amawindi endlini, wabika ngakho emaphoyiseni.
Lona wesifazane uthe uzoyikhumbula indodakazi yakhe.
“Ubeyikho konke kimina, kungiphula umoya ukuthi ngeke ngiphinde ngimbone. Uhleko lwakhe, ukudansa kwakhe - ubeyisibusiso kimina. Ubethanda ukusiza abalimele. Phezu kokucula kahle, ubephinde adanse kahle,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ingane yakhe ibithanda iMaths, i-English, iHistory nesiZulu, inephupho lokuba udokotela.
Ilungu lomndeni, elingathandanga kudalululwe igama lalo ngenxa yezimo zokuphepha, lithe kunezimpawu ezikhombisa ukuthi umufi uqale wadlwengulwa. Lithe basalinde imiphumela nesiqiniseko salokhu emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe umsolwa ona-38 wabekwa icala lokubulala. UCol Mbele uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.