KUBOSHWE uyise wengane ngokugencwa kowesifazane (23) obezithwele, phambi kwengane yakhe eneminyaka eyisithupha, eMhlangune eMsinga.
UNksz Nonhlanhla Ndlovu, uklajwe wafa ngowayisoka lakhe, kwathi ingane abeyikhulelwe yasikeka esibelethweni. Umhlaseli unguyise wengane abehamba nayo.
Ingane yabo kuthiwa yiyona ezibonele yabe isihlaba umkhosi komakhelwane. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuboshwa komlisa.
“Kuboshwe umsolwa ngecala lokubulala. Ubevele enkantolo namhlanje (ngoLwesihlanu),” kusho uCol Mbele.
Uyise kamufi, uMnuz Mhawu Ndlovu, uthe bafuna umsolwa ajeze kanzima, achaze nokuthi bekwenzenjani ebulala ngesihluku esingaka.
“Siphuma khona enkantolo. Icala lihlehliselwe uDisemba 11 nonyaka. Lo mfana siyamazi ubeyisoka lakhe uNonhlanhla. Banengane naye. Kasazi ukuthi yini engenza azodelela umuzi kababa ngokuzobulala ingaye yami ngesihluku esingaka. Lo mfana wakhulelisa ingane yami, wangeza nokuzohlawula. Manje uyayibulala,” kusho uNdlovu.
Umsolwa kuthiwa ubehamba nomunye wesilisa, okuthiwa naye umfake ucelemba emuva kwesigameko. Kuthiwa naye usesibhedlela. Ngokuthola kweSolezwe umhlaseli ucele amphelezele eya kubo kamufi kanti uzofike enze umonakalo. Kuthiwa esemkhuza naye ube esemgenca, wabaleka.
Umufi ubeyedwa nendodakazi yakhe ngesikhathi ehlaselwa. Ingane abeyikhulelwe ngeyomunye owesilisa. Udadewabo kamufi, uNksz Ncamisile Ndlovu, uthe umsolwa ubehlala ngokumhlukumeza umufi, waze wafuna incwadi yokumvimba ngenkantolo.
“Umsolwa ubemshaya njalo, baze bahlukana. Bese benesikhathi bahlukana. Bese befakene nasenkantolo. Asazi kungani emhlasele wamgenca, waze wasika nengane isesiswini. Isihluku esingaka,” kubabaza uNksz Ndlovu.
IMeya yaseMsinga, uNkk Buyiswa Ngcobo ibivakashele umndeni izolo.
“Isihluku esimangalisayo esenzeke kule ndawo esingafuni kuphinde kwenzeke lokhu. Sincoma amaphoyisa ngokusheshe abophe umsolwa. Ngokubona isimo, sizowulekelela umndeni ngezindleko zokungcwaba. Siyasigxeka kakhulu lesi sigameko sokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kusho uNkk Ngcobo.