U-AKHONA Dlamini ongumnikazi wendawo esetshenziselwa amaholidi
Image: SITHUNYELWE
ISIHEHA nezivakashi zakwamanye amazwe indawo yokulala esetshenziselwa amaholidi, iFJ Places B and B eseGlenwood eThekwini, ephethwe ngowesifazane owayishiyelwa ngunina ongasekho emhlabeni.
UNksz Akhona Dlamini (23), uthe ukufika kwezivakashi zangaphandle kule ndawo kwenza kufezeke iphupho likanina lokubona le ndawo idlondlobala kunokuba ifadabale. Uveze ukuthi unina wavula le ndawo ngo-2017. UNksz Dlamini uthe unina, uNkk Zoleka Dlamini (uMaDuma),wadlula emhlabeni ngo-2021.
Ubalule ukuthi ezivakashini esezike zavakashela le ndawo ngesikhathi samaholidi, kubalwa ezivela ezwenikazi i-Afrika okuyiseGhana, Malawi naseNigeria. Uthe muva nje sekuke kwaba nezivakashi ezivela eFrance, India, England nase-UK. Lokhu uthe kumthoba amanxeba ngoba kwakuyinto unina ayefisa ukuyibona yenzeka ngesikhathi eyisungula eminyakeni eyedlule.
''Kuyangijabulisa kakhulu ukubona le ndawo isihanjelwa yizivakashi zakwamanye amazwe. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi lokhu umama ayekufisa sekuyenzeka manje,'' usho kanje.
IBUKEKA kanje ngaphakathi indawo yokulala iFJ Places B and B eseGlenwood
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba uthe wayengakaze azicabange kunguyena ophethe indawo yalolu hlobo. Uthe kodwa ukudlula emhlabeni kukanina yikhona okwadala ukuthi abe nentshisekelo enkulu yokuqinisekisa ukuthi le ndawo iyadlondlobala.
''Umama wayesebenza ubusuku nemini efuna ukuqinisekisa ukuthi le ndawo iba sezingeni. Wayenza konke okusemandleni akhe ngoba efuna ukubona le ndawo iba ngcono,'' usho kanje.
Uthe kuyisibophezelo asenzile enhliziyweni yakhe ukuthi angamphoxi unina. ''Ngifuna ukuthi nalapho ekhona umama abone ukuthi into ayishiya ayifadabali kodwa kunalokho iyakhula ezandleni zami,'' kuchaza uNksz Dlamini.
Uveze ukuthi uneziqu zeBachelor in Arts, azizuza esikhungweni semfundo ephakeme esiseThekwini i-Afda.
Related Topics: