UTHOBEKE inhliziyo umndeni wakwaMzila ngesigwebo esinikezwe owasoconga amalungu amane omndeni wabo.
Umndeni wakaMzila utshele Isolezwe izolo ukuthi zesuliwe izinyembezi abebezikhala ngezihlobo zabo ezabulawa kabuhlungu ngokugwetshwa kukaSanele Makhanya.
Izolo inkantolo enkulu yaseThekwini igwebe uMakhanya iminyaka engu-300 ebhadla ejele ngamacala okubulala, ukudlwengula nokuntshontsha eMlaza.
Ngamacala amane okubulala abakwaMzila unikwe udilikajele icala ngalinye, izigwebo zizohambisana.
KaMzila ngoFebhuwari 25 ngonyaka odlule umbulali wahlasela nomngani wakhe uMnuz Sibonelo “Nkalakatha” Jali babulala abantu abane oNksz Sibongile Mzila, Hlengiwe Mzila, uMnuz Mlungisi Mzila noLungani Mzila.
UMnuz Thulani Mchunu okhulumela umndeni uthe yize izihlobo zabo zingeke zibuye, ngenxa yalesi sigwebo bayelapheka ngoba umbulali uzohlala ejele “lize lidilike”.
“Ngijabule ngaphakathi ngalesi sigwebo, ngeke sibavuse kodwa siyathobeka amanxeba ngesigwebo esinzima asitholile. Umthetho usiduduzile ngokumgweba kakhulu. Sakhala kakhulu kubulewe izingane zami kodwa namhlanje zesuliwe izinyembezi zethu siwumndeni,” kusho uMchunu.
Amanye amalungu omndeni akwaMzila abekhona enkantolo abeshaya ihlombe ngaphakathi nangaphandle kwenkantolo ebonga lesi sigwebo.
Isihlobo samantombazane amane andawonye adlwengulwa, igama laso elingeke lidalulwe ngenxa yobucayi bodaba sithe bagezekile yilesi sigwebo.
“Isigwebo sisithokozise kakhulu ngoba izingane zahlukumezeka kakhulu, nasesikoleni ziyaphazamiseka. Ukugwetshwa kwakhe ngalendlela kuzenza zizizwe zivikelekile, ” kusho ilungu lomndeni.
Lo mndeni okwadlwengulwa kuwo abathathu uthe ufisa kulandelelwe udaba lwamaphoyisa ayephenya icala labo, ukuze aphendule ngokudembesela akwenza.
Ikhansela lendawo uMnuz Sthenjwa Nyawose lithe bazizwa bephephile eMlaza emuva kokugwetshwa kwalo mgulukudu wombulali.
“Sijabule kakhulu ngesigwebo ngoba sizothumela nomyalezo kwabanye abasacabanga ukwenza ubugebengu obufuze lobu. Sibonge indlela icala eliphenywe ngayo nabezindaba ikakhulu iSolezwe elibike ngayo kusukela kwenzeka isigameko,” kusho uNyawose.