KULINDELEKE ukuthi agwetshwe namhlanje eNkantolo eNkulu yaseMgugundlovu owesilisa oneminyaka engu-27 olahlwe amacala okudlwengula abafana abancane ebathembisa amaselula nokubadlalisa ama-games.
UMenzi Shandu waseMariannhill, ulahlwe amacala okuhlukumeza abafana ngokocansi eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngoLwesibili.
UShandu kuthiwa wadlwengula abafana abangu-16, abaphakathi kweminyaka eyisishiyagalombili nengu-14.
Waboshwa ngo-2017 kulandela ukuvulwa kwenqwaba yamacala imindeni yabafana ikhala ngokuthi izingane uzidlwengulile.
Isolezwe lithole ukuthi umdlwenguli ubesehlala eFrance eMgungundlovu, eshayela iloli lezinkwa.
Umphakathi waqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba ubona kugcwala abafana abancane endlini yakhe bethi bayomvakashela.
Lona kuthiwa wayezenza umngani nabafana abancane, ethi uzobathengela iselula noma badlale ama-game kwiselula endlini yakhe.
Uma befika endlini ubebancenga ukuba baye ocansini. Kokunye kuthiwa ubebaphoqa ukuba bakhothe isitho sakhe sangasese.
Lo mkhuba kuthiwa ubewenza kusuka ngoJune 2016.
UShandu ngesikhathi efakaza ecaleni wathi ubengabaphoqi abafana kodwa babevumelene ukuba baye ocansini. Uthe abafana babemceba ukuthi ubadlwengulile uma sebebona engabaniki amaselula abathembisa wona.
Ngenxa yemithetho yakuleli engavumi ukuba umuntu omdala avumelane ngokuya ocansini nengane, ulahlwe ngamacala okudlwengula.
Phakathi kwabafana okuthiwa wabadlwengula abaseRichmond, abaseManzimtoti, abaseMgundundlovu, Ntshanga nakwezinye izindawo.